EzintshaKaizer Chiefs

Uthembisa lukhulu ‘onokhanda’ lwamagoli amqoka kwiChiefs

Umdlali odabuka eCongo uGlody Lilepo uyaqhubeka nokuziveza njengeqhaqe eliqhamuka selikhipha iKaizer Chiefs njalo isisenkingeni. 

Uphinde waba yiqhawe esiza iGlamour Boys igweme ihlazo lokuhlulwa imidlalo emine kulandelana kwiBetway Premiership.

Futhi njengoba ibheke komunye umdlalo oyinselelo la izobhekana khona neMagesi FC, uLilepo uzimisele ukuphinde aphakame.

Lo mdlalo uzoba seMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo kanti uzoqala ngo-6 ebusuku.

Umthelela kaGlody Lilepo selokhu efike kwiKaizer Chiefs uyabonakala njengoba enokushaya amagoli abalulekile. 

Igoli lakhe alishaye ngobuchule yilo elibanike ukunqoba okubalilekile bebhekene neDurban City ngempelasonto edlule. 

Lo mphumela uqede isikhathi esinzima sezinyanga ezimbili leli qembu linganqobi emidlalweni yeligi. 

Uphinde wavuselela ithemba lokuthi lisengakwazi ukuqeda emaqenjini amathathu aphezulu kwilogi ekupheleni kwesizini.

Ubukhali bukaLilepo busanda kuklonyeliswa njengoba igoli alishaya bebhekene neMarumo Gallants livotelwe njengelivelele kwiBetway Premiership ngoJanuwari/Febhuwari.

“Ngijabule kakhulu ngokuthola lo mklomelo. Ngibonga abantu abangivotele, abalandeli naseqenjini lami. 

“Sengibheke ngabomvu ukushaya igoli okuzoba ngelesizini,” kusho uLilepo ngalo mklomelo. 

Njengoba sekusele imidlalo engu-11 kuphela, yonke imidlalo isibaluleke kakhulu kwiGlamour Boys.

IChiefs njengamanje ihlezi endaweni yesihlanu kwilogi ngamaphuzu angu-33 emidlalweni engu-19.

Ukunqoba kwiMagesi – ehlezi emsileni – kunganyusela leli qembu endaweni yesithathu, leqe iSekhukhune United naMaZulu FC.

ULilepo ugcizelele ukuthi iqembu lisazinikele yize libhekene nezikhathi ezinzima futhi lifuna ukubuyela emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo.

IChiefs isabheke ukwenyukela phezulu, kanti iMagesi FC ifuna indlela yokubaleka ezembeni. 

Leli qembu laseLimpopo lisemsileni kanti lisenamaphuzu angu-14 nje kuphela.

Lokhu kwenza lo mdlalo wangoMgqibelo ufane nekhasi likabhanana Amakhosi okuzomele angalinyatheli. 

Nokho uGlody Lilepo uyakwazi lokho futhi uxwayisa ozakwabo kwiKaizer Chiefs ukuthi nabo baqaphe ngampela.

“Ibhola linjalo. Umzuzu owodwa izinto zikuhambela kahle, bese zikujikela esikhaleni zibe zimbi. 

“Ngiyingcweti futhi ngizojabula kakhulu ukuthola igoli ukuze ngisize iqembu lami liwathole womathathu amaphuzu,” kwengeza yena.

ULilepo uyisethenjwa njengamanje ndoda kuMakhosi njengoba enokuwephula ezimweni ezimbi. 

Uma ephinda eshaya inethi ngoMgqibelo, Amakhosi azobuyela ngokuqinile emjahweni wokubuyela ebholeni lasezwenikazi.