Bafana BafanaEzintsha

UBroos uveza okwenza uGoss umdlali ‘ophelele’ weBafana

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usedalule izizathu zangempela zokuqhubeka kwakhe nokukhetha uRicardo Goss eqenjini lakhe.

Kuke kwanokukhathazeka phambilini ngokuthi lo nozinti weSiwelele FC uqokwa noma engekho efomini. 

Kodwa ukudlala kwakhe kwakamuva bebhekene ne-Orlando Pirates emdlalweni weBetway Premiership kwenze abaningi baqiniseka ngokuthi uyifanele indawo yakhe kwiBafana. 

KuBroos, lokhu bekungomunye nje umdlalo oqinisekise ukuthi ukukholelwa kwakhe kulonozinti oneminyaka engu-31 kufanele. 

UHugo Broos uthi uRicardo Goss uyisibonelo esihle salokho akudingayo kumdlali weBafana.

Lo mqeqeshi waseBelgium uthi ukufaneleka ukudlala kwiBafana kudlulela ngale kokwenza kahle enkundleni.

Uthi nendlela umdlali aziphatha ngayo nangaphandle kwenkundla, axhumana ngayo nozakwabi ibalulekile. 

“Uma ukhuluma ngolibofunzo lweBafana Bafana, uyisibonelo esihle salo,” kusho uBroos.

“Unomqondo omuhle, ungumuntu ohlale esebenza ngokuzikhandla ngisho nasejimini.

“Uma umdinga, uyamthola. Ungumfana olungile eqenjini lonke – futhi lokho kubaluleke kakhulu.”

UHugo Broos uvumile nokho ukuthi ukudlala kukaRicardo Goss eze eqokwa njengomdlali ovelele bebhekene nePirates muva nje kube yisiqinisekiso.

Yingakho manje esemphakamisele endaweni yesibili ngemuva kukakaputeni uRonwen Williams – edlula uSipho Chaine. 

Lo nozinti wePirates ukhishiwe eqenjini, kwabe sekungena uRenaldo Leaner weSekhukhune United ukuba ngowesithathu kwiBafana. 

“Impela lokho kusebenza – nami angazibonela ngawami – bekukuhle, futhi lokho kuqinisekisa ukuthi izimfanelo zikaRichardo zinhle,” kuqhuba uBroos.

“Yingakho ngingakaze ngimlahle. Ngiyamethemba futhi ngiyazi ukuthi uma kwenzeka okuthile kuWilliams, singathembela kuye.” 

Kulindeleke ukuthi uHugo Broos anikeze uRicardo Goss noma uRelando Leaner ithuba emidlalweni yobungani ezayo nePanama.

IBafana izodlala nePanama eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMashi 27, bese ziphinda futhi eCape Town Stadium ngoMashi 31.