Ezintsha

Okwenze uRulani Mokwena ashiye kwiMC Alger

URulani Mokwena usevuleleke ngesinqumo sakhe ‘esinzima’ sokushiya iMC Alger, ikilabhu abezowina nayo isicoco seligi e-Algeria.

Uchaze ukuthi ukuthuthela kwakhe ngokushesha kwi-Al-Ittihad Tripoli eLibya  akukhona nje ngoba ethole ithuba yena ngokwakhe.

Uthi kungoba leli thuba lizovulela nabanye abaqeqeshi baseNingizimu Afrika ithuba elingandele bani eNorth Africa.

URulani Mokwena umangaze abaningi ngesikhathi enquma ukushiya iMC Alger iseqhulwini kwiligi yase-Algeria izihola phambili ngamaphuzu ayisithupha.

Futhi ukholwa ukuthi ushiye le kilabhu isesimweni esihle kakhulu ukuthi inqobe isicoco seligi ihlandla lesithathu kulandelana.

Isizathu esikhulu esimenze athathe lo msebenzi kube yithuba lokunika ochwepheshe baseNingizimu Afrika amathuba ezinhlakeni ezehlukene.

URulani Mokwena akezugcina nje gnokuqeqesha iqembu elikhulu kwi-Al-Ittihad.

Kodwa uzokwengamela nezinhlaka zokuthuthukiswa kwamakhono abadlali abasebancane babafana namantombazane. 

Uhlose ukusebenza nabaqeqeshi nongoti baseNingizimu Afrika njengoba enikezwe imvume yokuziqashela abantu abadingayo kulezi zinhlaka. 

Uqhathanise lesi sinyathelo nokusebenzisana kwakhe kwangaphambilini nomqeqeshi u-Allan Freese kwiWydad AC. Manje ufuna ukuphinda uhlelo olufanayo eLibya.

URulani Mokwena uveze nokuthi intshisekelo ye-Al-Ittihad isuka kude, akuyona into yamanje.

“Izingxoxo empeleni ziqale ngisekwiWydad,” kusho uMokwena kwiMSW kuleli sonto. 

“Uma ikilabhu enkulu kangaka ikhombisa lolu hlobo lwentshisekelo kuba nzima kakhulu ukuqhubeka nokuyiziba…

“Sinikezwe ithuba lokunikeza abaqeqeshi baseNingizimu Afrika amathuba okusebenza ngaphandle kwezwe.

“Lokhu kungakhathaliseki ukuthi bazoba seqenjini lokuqala, noma indawo ezinkulisa, kungaba ngisho nasebholeni labesifazane.

“Zonke lezi zinhlaka zizoholwa yithi kule kilabhu,” kwengeza uMokwena.

I-Al Ahli Tripoli yehlelwe yizinga kule minyaka embalwa edlule kanti lokhu kufaka uMokwena isasasa.

Uchazwa yinselelo yokuvuselela le kilabhu, iphinde ibe yizinkunzi ezishaya kwasani ekhaya nasezwenikazi. 

Ukusayinwa kwabadlali abafana noThembinkosi Lorch no-Aziz Ki kuqinisekise izinhloso zaleli qembu.