Ezintsha

Uzifake zaphelela uMiddendorp ‘egadla’ kuGavin Hunt

UFarook Kadodia uthe u-Ernst Middendorp ushiye kuleli qembu lakhe ngoba sekuphele inkontileka yakhe, futhi bekungekho ukungaboni ngasolinye phakathi kwakhe noGavin Hunt.

UMiddendorp ubengumqondisi wezokuqeqesha, kanti uHunt nguyena umqeqeshi. Sekuvela ukuthi bekungekho ngempela ukusebenzisana njengoba iLisenethini ike yabika phambilini. 

Lokhu kuvele embhalweni oshicilelwe ngu-Ernst Middendorp ekhasini lakhe kwiLinkedIn ngemuva kokushiya kwiDurban City.

Lo mbhalo wakhe uwuphe isihloko esithi, ‘Uma abaqeqeshi besala ngemuva’ wabe esegxibha abaqeqeshi abasabambelele ekwenzeni izinto ngendlela yakudala. 

“Ebholeni lanamuhla (ngo-2025), umdlalo ushintsha nsuku zonke – amaqhinga, ukuqapha abadlali, izinhlelo zedatha, ngisho nendlela yokuxhumana eqenjini,” kubhala uMiddendorp. 

“Nokho, abanye abaqeqeshi basasele emuva. Abasele ngoba bengenalo uthando noma ulwazi – kodwa ngoba benqaba ukuzivumelanisa nezimo zesimanje.

“Ababufuni ubuchwepheshe besimanje, bakholwa ukuthi izibalo zeGPS, izibalo zokusebenza, namathuluzi okuhlola e-Al ‘yizinto zabahlaziyi, hhayi abaqeqeshi’. 

“Basasebenza sengathi umuzwa yiwona wodwa ohlonza izinga lomdlali. Baphinde bangakwazi ukusebenza ngokubambisana nabanye. 

“Ukuqeqesha ngo-2025 akusekho ‘ngomuntu oyedwa’ ozontaza kulayini,” kuqhuba lo mbhalo omude. 

“Kumayelana nokuhlanganisa izinhlaka – indlela yokudlala, ukuhlaziya, ezokwelapha, intsha, nabaphathi – kube nolimi olulodwa kuyo yonke indawo. 

“Ukwenqaba ukusebenzisana kuhlukanisa umqeqeshi futhi ngeshwa ekugcineni kugqozisa ukukhula kweqembu. 

“Ukungafuni ukulalela, ukufunda, ukuxhumana, ukuzivumelanisa nezimo, ukuyeka ‘indlela esasenza ngayo kudala’ kuyinkomba yokungazethembi.

“Ubuchwepheshe, ukusebenzisana, nokuvumelana nezimo akuyona ingozi emsebenzini wakho; kungamathuluzi aqhuba umthelela womqeqeshi.

“‘Ukusalela emuva’ namuhla akusho ukuhlulwa emidlalweni – kusho ukulahlekelwa ukubaluleka ebholeni.”

Akazange ke akusho ukuthi ukubhekise kubani lokhu, kodwa kuvele kwacaca ngoba uHunt uyaziwa ukuthi umile ekusebenzeni ngendlela yakhe yakudala.

Futhi sekuyacaca ukuthi uMiddendorp ubelindele ukuthi uHunt uzophikwa yimiphumela, bese kungena yena esikhundleni sokucija iDurban City.

Kodwa ngemuva kwemidlalo eyisishiyagalolunye yeBetway Premiership, uHuntu unqobe emine, wadlala ngokulingana emithathu, wahlulwa kwemibili.

Lokhu kubeka iqembu endaweni yesine kwilogi. Udlulele nasemzuliswaneni olandelayo kwiCarling Knockout Cup.