
URulani Mokwena ezinsolweni zokushushumbisa… Ingabe yiqiniso?
Zishaqise abaningi izindaba ezivele ngeSonto ebusuku ngomqeqeshi wakuleli uRulani Mokwena.
Imibiko evela e-Algeria iveze ukuthi lo mqeqeshi osanda kushiya kwiMC Alger uboshiwe ngecala elibi.
Le mibiko ibithe uRulani Mokwena uboshwe esikhumulweni sezindiza iHouari Boumediene e-Algeria kanti manje kuvela ukuthi ayilona iqiniso.
Umbiko oshicilelwe ku-X ngeSonto ebusuku uphakamise ukuthi uboshiwe ngemuva kokutholakala ephethe imali angagunyaziwe ukuba nayo engu-€16 000.
Ngokwemali yakuleli, le mali ilinganiselwa ngaphezu kancane kuka-R300 000.
Le mali kuthiwa itholwe ezincwadini nasezicathulweni zakhe ngesikhathi kubhekwa izimpahla zakhe ngaphambi kokuthi aphume e-Algeria.
“Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika usolwa ngokushushumbisa imali yakwamanye amazwe.
“Njengamanje useDar el-Beida la egcinwe khona,” ibhale kanje i-MCA_Insider ngeSonto.
Nokho sekuvele ukuthi lokhu akulona iqiniso, kodwa uRulani Mokwena akazange aluthathe uhambo lwakhe lokuya eLibya njengoba bekuhleliwe.
Kodwa isizathu sihlukile. Ngokusho kwabasondelene nalo mqeqeshi, ubambezelekile esikhumulweni sezindiza iHouari Boumediene.
FUNDA NALA | Umlayezo kubalandeli iChiefs ‘ijika izinto’
Ube eseshiywa yindiza eya eLibya obekufanele agibele kuyo. Okwamanje isizathu sokubambezeleka asikaveli.
Kulindeleke ukuthi athathe lolu hambo ngoMsombuluko ukuze ajoyine iqembu lakhe elisha i-Al Ittihad Tripoli eLibya aqale umsebenzi wakhe omusha.
