Ezintsha

UVictor Hlungwani uveza ezingezinhle nge-VAR kuleli

UHlungwani uthi onompempe abakakutholi ukuxhumana okubazisa ngalolu hlelo noma ukuqeqeshwa okufanele.

Futhi abalandeli akufanele balindele ukubona kusetshenziswa i-VAR kwiPSL kule sizini.

Imihlangano yokucobelelana ngolwazi yonompempe kulindeleke ukuthi iqale ngesonto elizayo ngaphambi kwesizini ka-2025/26.

Kodwa uVictor Hlungwani useveze ukungabaza okukhulu ngokuthi i-VAR isilungile, wathi akukho mishini efikile futhi akukho ukuqeqeshwa okwenzekile.

“Azikho izinto zokusebenza, ” uHlungwani utshele abezindaba. 

“Okokugcina esikuzwile, kwaphuma ithenda ukuze kutholwe imishini ye-VAR.

“Kodwa akukho okulethiwe. Asazi nokuthi ubani owathola leyo thenda.”

UHlungwani ukugcizelele ukuthi ukuqeqeshelwa ukusebenzisa i-VAR kubanzi futhi ngeke kuphuthunyiswe ngesonto elilodwa.

“Udinga isikhathi sokuyisebenzisa kungekhona emdlalweni osemthethweni, udinga ukuqeqeshwa ngokusebenzisa amakhamera eTV nokunye,” kuchaza uHlungwani. 

“Siqala isizini ngo-Agasti 1, ngakho-ke ngeke uyibone i-VAR kulo nyaka. Mhlawumbe ngonyaka ozayo, ngemva kwekhefu le-Afcon ngoDisemba.”

Wengeze ngokuthi uma ithenda ihlungwa futhi onompempe beqeqeshwa ngesikhathi sekhefu le-Afcon, kungenzeka iqaliswe ngo-2026.

Ungqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie wayethembise ukwethulwa kwe-VAR ngo-Ephreli, wathi ithenda isivele iphumile. 

Kodwa uVictor Hlungwani uphakamisa ukuthi izikhathi zazingavumi nokuthi ungqongqoshe kungenzeka ukuthi akazange aziswe ngendlela efanele.

“Ungqongqoshe angawathola amathuluzi,” kusho uHlungwani. “Kodwa ubani ozowasebenzisa? 

“Ubani oqeqeshiwe? Yilapho igebe lolwazi likhona. Ngethemba ukuthi leli gebe lingalungiswa.”

Ngokuma kwezinto njengamanje, kubukeka sengathi abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika kuzomele balinde isikhashana ngaphambi kokubona iVAR isebenza.