
Uthole uwoyela omusha ‘uMshini’ weChiefs eNetherlands
UNkosingiphile “Mshini” Ngcobo ubukeke engumshini osanda kuvuselelwa ngesikhathi iKaizer Chiefs isekhempini eNetherlands futhi uthembisa lukhulu ngesizini ezayo.
Lo mdlali oneminyaka engu-25, odabuka eMgungundlovu, ubebukeka emuhle kakhulu emidlalweni edlalwe Amakhosi eNetherlands.
Amakhosi anqobe owodwa, ahlulwa kwemine yale midlalo yokuzizwa amandla eyidlale e-Europe la abezilungiselela khona isizini entsha.
Ahlule iPEC Zwolle ngo 1-0, ahlulwa yiVitesse ngo 2-1, yashawa ngo 4-0 yiFC Utrecht, yahlulwa ngo 1-0 yiNEC Nijmegen kanti iFC Twente yona iyishaye ngo 2-1.
UNkosingiphile Ngcobo uthi le midlalo yeKaizer Chiefs ibaqinisile ngoba bebedlala nezimbangi eziqinile kunalezi abazijwayele kuleli.
“Abalandeli bethu kumele balindele lento osokukade beyifuna,” ucashunwe esho kanje kwiSowetan.
“Kufanele balindele ibhola elihle, amagoli, iqembu elinomuzwa omuhle futhi eliqinile elizolwela iligi.
Uthe imidlalo yaseNetherlands ibe mihle ngoba izinga lakhona lithe ukuphakama futhi ibasize babona lapho besaxega khona, nalapho bebahle kkhona.
Njengoba seyibuyile ekhaya, iKaizer Chiefs isanomunye umdlalo ezozizwa ngawo amandla kanti uNkosingiphile Ngcobo uthi sebejahe ukukhombisa abalandeli ababaphathele khona.
Amakhosi azogadulisana ne-Asante Kotoko yaseGhana kwiToyota Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ntambama.
“INetherlands yizwe elihle kakhulu… sikujabulelile ukuhlala kwethu laphaya,” kuqhuba uMshini.
“Ngokwebhola, bekuyinselelo enkulu ngoba ibhola lakhona lisezingeni eliphakeme, kodwa ngicabanga ukuthi sikwazile ukumelana naleyo nselelo.
“Imidlalo esiyidlalile ibe mihle… Isisize ukubona ukuthi siqine kuphi, nokuthi sixega kuphi.
“Ngakho manje sesizosebenza ekuqiniseni la sixega khona, siphinde sinyuse izinga kakhulu nala sibahle khona.
“Isisizile nokuthi sizibone ukuthi sikuphi njengeqembu. Manje sesinokuzethemba futhi sesibheke ngabomvu umdlalo weToyota Cup neKotoko.
“Sizoqinisekisa ukuthi senza kahle futhi sesikubheke ngabomvu ukudlala phambi kwabalandeli bethu.”
UNkosingiphile Ngcobo uthe ngokwakhe uzizwa evuselelekile kakhulu ngaphambi kwesizini ezayo.
“Ngizizwa ngikahle kakhulu. Kukhona izinto esengingcono kuzo,” kuqhuba lo mdlali phuma enkulisa yeChiefs.
“Ngihlale ngisho ukuthi siyafunda nsuku zonke, ngakho ngicabanga ukuthi ngifunde lukhulu kule khempu yokulungiselela isizini eNetherlands.”
Ngemuva komdlalo wangoMgqibelo, Amakhosi aseyoze aphinde abonakale enkundleni ngo-Agasti 10 eseqala umkhankaso weBetway Premiership.
Azoqala ngomdlalo ozoba yinselelo njengoba ezobhekana neStellenbosch FC – eqede endaweni yesithathu ngesizini edlule – eKapa.
