
UManousakis usola uZungu woSuthu ‘ngokubulala abadlali’
- Alfred NGUBANE
UVasili Manousakis, oke waba yiphini lomqeqeshi kuMaZulu FC, usola umengameli waleli qembu ngokubulala okusasa labadlali uma engasafuni ukuba seqenjini lakhe.
Lo mqeqeshi okumanje usebenza kwiCape Town Spurs, ukhale ngalesi senzo sikaSandile Zungu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile neLisenethini.
“Kuwukubulala ikusasa lomdlali ukuthi uma ngabe enqaba ukuvuselela inkontileka kuMaZulu bese eyavinjwa ukuziqeqesha neqembu.
“Kuvele kuthiwe akangajimi nabanye abadlali kuze kuphele izinyanga eziyisithupha ejima yedwa eceleni,” kusho uMonousakis.
“Lento ngaqala ukuyibona ngoSiyethemba Sithebe owahlala engajimi neqembu ejima yedwa isikhathi eside.
“Lokho kwadala ukuthi afike eqenjini lakhe elilandelayo, iKaizer Chiefs engekho esimweni esifanele ngesizini yakhe yokuqala.”
USithebe wayepanishelwa ukuthi wasayina inkontileka yesithembiso neChiefs, wahlaliswa eceleni engasavumelekile ukudlala imidlalo yoSuthu.
Ngaphandle kokumthikameza ngokomzimba umdlali, lokhu kuyamkhubaza nasemoyeni njengoba kubonakele ngoSiphesihle Maduna.
UMaduna naye ube sesimweni esifanayo kuMaZulu kwaze kwaba ufudukela kwiCape Town Spurs la eficane khona noManousakis. .
UMaduna njengamanje usekwiTS Galaxy la ezozama khona ukubuyisela ibhola lakhe emgqeni.
“USiphesihle Maduna ufike kwiCape Town Spurs umbona ukuthi ngathi uyaqala empilweni yakhe ukudlala ibhola esigabeni esikhulu,” kuqhuba uMonousakis.
“Ngenxa yokuthi ngike ngamqeqesha kuMaZulu, bengiyamazi ukuthi ungumdlali onjani enkundleni yingakho samsayina.
“Kwadingeka ngitshele umqeqeshi u-Ernst Middendorp ukuthi yini emkhinyabezayo uMaduna ngoba yena wayengaqondisisi kahle.
“Ngicabanga ukuthi lokhu akwenzayo uZungu kumele anqandwe ngempela ngoba uyalibulala ikusasa labadlali abasebancane.”
OLUNYE UDABA: UMhlongo unqumela iPirates okatiki ngeligi
UMonousakis ubeyiphini lomqeqeshi ngesikhathi sikaBenni McCarthy Osuthwini ngaphambi kokuthi adlulele kwiRichards Bay, asuke kuyo eseya kwiSpurs.
