
UVelebayi uphawula ngohambo lwakhe olude olubheke kwiChiefs
Sekusele ukuthi akhombise enkundleni u-Asanele Velebayi ukuthi iKaizer Chiefs beyingazimosheli isikhathi ngokumlwela isikhathi eside kangaka.
Kuthathe unyaka wonke iChiefs ilandela lo mdlali, ifuna ukumsayina kodwa yehluleka njengoba iqembu lakhe lakudala, iCape Town Spurs belingafuni naye.
ISpurs beyifuna imali eshisiwe ngaye, kanti iChiefs beyingazimisele ukukhokha leyo mali ngomdlali odlala esigabeni sesibili.
Emizamweni yayo, iChiefs ike yaze yasolwa nangokuzama izindlela ezingezinhle zokuthi ixhumane nonina, imtshele ukuthi akancenge iSpurs idedele indodana yakhe.
Umqondisi weChiefs, uKaizer Motaung Jr. waze waxolisa kwiSpurs ngalokho ngemuva kokuthi abaphathi bayo bephumele obala bekhala ngalesi senzo sakhe.
Kodwa ke, iChiefs isigcine imtholile uVelebayi yize nakhona kube ngemuva kwempi enkulu esuswe yiSpurs – namanje esaqhubeka nokulwa – ingafuni nalo mdlali.
UVelebayi wethulwe njengomdlali weChiefs kuleli sonto, futhi uthi kuye kube wukufezeka kwephupho elidala.
“Angikwazi nokuchaza ukuthi ngizizwa kanjani,” kusho uVelebayi ngokujoyina kwakhe Amakhosi.
“Ngesikhathi ngizwa izindaba zokuthi sengizoyijoyina ngokusemthethweni iKaizer Chiefs, into yokuqala engayenza kwaba wukufonela umama.
“Ngamazisa yena namanye amalungu omndeni ngalezi zindaba ezinhle kangaka,” kuqhuba lo mdlali odabuka e-Eastern Cape, kodwa okhulele eKapa.
“Bengijabule kakhulu. Bekuhlezi kuyiphupho kimi ukuza lapha futhi ngifuna ukulisebenzisa kahle leli thuba eliyisimanga kanje.”
UVelebayi ungumdlali omuhle uma kuhlaselwa, futhi uthi uyakwazi ukudlala njengoNamba 10, noma ophikweni – noma ke kuphi lapho eboshelwa khona phambili.
“Ngiyakwazi ukudlala kwesokudla, noma ngibe uNamba 10 kodwa indawo engiyithanda kakhulu yisophikweni kwesokunxele,” kuchaza yena.
FUNDA NALA | U-Ouaddou uqagula ikusasa elihle kuMbokazi
Ngemuva kwezigigaba nezihibe ezibe khona endleleni yakhe ebheke eNaturena, lo mdlali oneminyaka engu-22 usebheke ukuzibonakalisa enkundleni egqoke imibala yaMakhosi.
Nokho kuke kwavela ukuthi ukuqala kwakhe ukudlala kungenzeka kubambezeleke njengoba iSpurs kukholakala ukuthi ayikadeli ukulwela ukumgcina.
Kuthiwa leli qembu luludlulisele kumxazululi weSafa udaba lwakhe kulandela ukuthi isigungu sePSL esixazulula izingxabano silichithile.
Lesi sigungu sinqume ukuthi uVelebayi akanankontileka kwiSpurs, futhi noma yiliphi iqembu lingamsayina mahhala.
