
Seyengeze abanye ababili i-Orlando Pirates iqinisa iqembu
I-Orlando Pirates isiqinise isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwesigaba sokugcina sesizini ka-2025/26.
Isayinise abadlali ababili – uDaniel Msendami noMpho Chabatsane – abebekwiMarumo Gallants.
Bajoyine u-Andre De Jong naye ojoyine i-Orlando Pirates kulo leli windi lokuhwebelana ngabadlali lamaphakathi nesizini.
AmaBhakabhaka akuqinisekisile ukuthi asefinyelele esivumelwaneni sokudayiselana neMarumo Gallants futhi laba badlali bazoyijoyina khona manje.
Lokhu kuveza ngokusobala izinhlozo zaleli qembu zokuqinisa iqembu ukulungiselela umzuliswani wesibili wesizini.
IPirates iphinde yancoma abaphathi beGallants ngokuphatha izingxoxo ngendlela esezingeni eliphezulu nenokubambisana nokusebenzisana.
Njengoba yonke into isiqediwe, uMsendami noChabatsane bazohlangana nozakwabo abasha ekhempini eNorth West.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zikholwa ukuthi laba ababili bazokwengeza ukujula, ikhwalithi nnnombango eqenjini.
UMsendami wengeza ukuncintisana ezimpondweni, kanti uChabatsane ubonakala ezothatha indawo kaMbekezeli Mbokazi odayiselwe iChicago Fire.
I-Orlando Pirates iqinisa iqembu nje isophe ukugila izimanga futhi iqophe umlando ngokuqoqa zonke izicoco zakuleli.
Isivele ke ineseMTN8 neseCarling Knockout kanti kuza kahle nakweseligi njengoba izihola phambili.
FUNDA NALA | AmaZulu aseqinise ngomdlali waseBrazil
Izokwazi ngoLwesine ukuthi izowuqala naliphi iqembu umbango weNedbank Cup uma sekuqhathwa amaqembu azodlala lo mqhudelwano.
ZITHOLE ZISHISA:Â Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
