
‘Ushwebise’ iChiefs neDowns olandela uMbokazi kwelase-US
Seligcine livelile igama lomdlali waseNingizimu Afrika okunguye osayinwe yiChicago Fire yase-US esanda kujoyinwa uMbekezeli Mbokazi.
Leli qembu lisuse igidigidi ebholeni laseNingizimu Afrika ngoLwesibili ekuseni ngesikhathi limemezela ukuthi kunomunye umdlali wakuleli elizomethula.
Lithe lo mdlali uzokwethulwa ngoLwesithathu okushiye abalandeli kuleli beqagula ngokuthi engabe yimuphi lowo mdlali.
Abaningi basole ukuthi usuka kwi-Orlando Pirates la iChicago Fire isanda kuthola khona uMbekezeli Mbokazi owaziwa ngelikaTLB ebholeni.
Nokho manje sekuvele ukuthi lowo mdlali nguPuso Dithejane obesemabhukwini eTS Galaxy.
UDithejane ubehalelwa kakhulu yizinkunzi zakuleli, iMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs obekulindeleke zimbange.
Womabili lamaqembu abeseke avela kwiGalaxy ezidlisa satshanyana ngalo mdlali.
ILisenethini ibike ngoMsombuluko ukuthi usihlalo weGalaxy uTim Sukazi ukuqinisekisile ukuthi iChiefs ike yavela.
Uthe yathinta uyise walo mdlali, owabe eseyeluleka ukuthi ayithinte uSukazi uqobo ngoba izintambo zikuye.
ISundowns yona uyimisile kade ifuna ukumsayina manje njengoba kuwuJanuwari bese imgcina kuye kuze kuphele isizini.
Manje ngokubika kweSoccer Beat, lo mdlali usendleleni ebheke kwelikaDonald Trump la ezodlala khona eqenjini elilodwa noMbekezeli Mbokazi.
FUNDA NALA | Igidigidi elikaMbokazi liveza ukuthi lisayina omunye e-SA
Okwamanje imininingwane yalokhu kusayinwa kwakhe ayikakakhishwa ngokusemthethweni njengoba kulindwe iChicago Fire ikhiphe isitatimende.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
