
Ayaqhubeka nokuqinisa AmaZulu – asayina isitobha saseBrazil
AmaZulu FC ayaqhubeka nokuqinisa isikwati sayo ngaphambi kokuthi kuqhubeke imidlalo yeBetway Premiership.
Leli qembu elizinze eThekwini kubikwa ukuthi seliqinise ngomdlali wasemuva ozalwa eBrazil uGustavo Vieira Lopes.
I-FARPost ibika ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala useqedile ukuhlolwa futhi useqede konke ngokuthuthela kwakhe eThekwini.
Ujoyina AmaZulu nje usuka kwizikhondlakhondla zaseMozambique iFerroviário da Beira la ahlale khona amasizini amabili.
ULopes ufika nedumela eliqinile, udlale imidlalo engu-45 kwiFerroviário futhi wazibonakalisa njengesitobha esithembekile, esisebenza kanzima.
Lo mdlali waseBrazil ukuqinisekisile ukushiya kwakhe kwiFerroviário ngoDisemba ngomlayezo ochaze iBeira njengeqembu elimsize ukubumba ikusasa lakhendawo.
“Sengibheke inselelo entsha; kuyisinyathelo esibalulekile emsebenzini wami,” uLopes ucashunwe esho kanje kwiLance.
“Ngifuna ukubonga abantu baseBeira ngakho konke. Leli dolobha liyohlale liyikhaya kimi; Ngizuze umndeni lapha.”
IFerroviário da Beira nayo ihloniphe lo mdlali wasemuva, imncoma ngokuzibophezela nothando lwakhe ngesikhathi eseqenjini layo.
Njengamanje, AmaZulu, asendaweni yesihlanu kwilogi yeBetway Premiership, kusobala ukuthi ahlose ukukhuphukela phezulu uma iligi isiqhubeka.
Usuthu kubikwa ukuthi lushiye izimbangi zincela izithupha ngesikhathi lusayinwa umdlali wasesiswini uLuyolo Slatsha.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala kulindeleke ukuthi ajoyine iqembu lika-Arthur Zwane kulandela ukushiya kwakhe kwiCape Town City.
Asanda kusayina nomdlali wasesiswini uMason Mushore kwiHighlanders FC yaseZimbabwe la ezakhele khona igama.
FUNDA NALA | IChicago Fire ishiye iChiefs neDowns bencela izithupha ngoDithejane
Njengoba sekufike ubuso obusha, AmaZulu athumela umyalezo ocacile ngaphambi komzuliswano wokugcina wesizini.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
