EzintshaKaizer Chiefs

Sekuhoxe imbangi yeChiefs kwiCufe Cup

Usungase ugcine ungadlalwanga umdlalo weCufe Cup obuzoba phakathi kweMarumo Gallants neKaizer Chiefs njengoba sekuqubuke isixakaxaka. 

Esitatimendeni esifushane esithumele kwabezindaba ngoMgqibelo ebusuku, sekusele ngaphansi kwamahora angu-24 kuqale lo mdlalo, iGallants ithe seyihoxile. 

“IMarumo Gallants ifisa ukwazisa abalandeli bayo ukuthi ngeke isakuqinisekisa ukuthi izoba yingxenye yomdlalo weCufa Cup la izobhekana khona neKzier Chiefs. 

“Lokhu kungenxa yokuthi kunokungazwani ngenkontileka yokudlala kulo mdlalo nabahleli bale ndebe,” kusho leli qembu.

“IMarumo Gallants izomemezela ngendlela efanele uma kwenzeka lokhu kungezwani okukhona kuxazululeka ngesikhathi esizovumela ukuthi ibe yingxenye yalo mdlalo.” 

Kuvela lezi zindaba nje iChiefs seyivele iseBloemfontein la ikhempe khona ngaphambi kwalo mdlalo ozoba seFree State Stadium ngeSonto ntambama.

Ibiwubheke ngabomvu kwazise uyithuba lokuzizwa amandla neqembu eliqinile njengoba imidlalo yePSL imile ngenxa yekhefu leFifa.