
U-Ouaddou uvuma iqiniso ngesikhala sikaRele noTito
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, uvumile ukuthi kuzothatha isikhathi ukuvala izikhala zoRelebohile Mofokeng noPatrick “Tito” Maswanganyi.
Lo mqeqeshi odabuka eMorocco kodwa owazalelwa eFrance, uthi ujabule ngenqubekela phambili eyenziwa yiqembu lakhe elisha.
IPirates ilahlekelwe abadlali ababili abebebalulekile njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali nje.
UMofokeng ushiye amaBhakabhaka wajoyina i-Royale Union Saint-Gilloise yaseBelgium.
UMaswanganyi yena uthuthele eBahrain, lapho ejoyine khona i-Alkhaldiya Sports Club.
Laba badlali bobabili babe yingxenye ebalulekile yePirates ngesizini edlule.
Basize leli qembu lanqoba izindebe ezintathu ngesizini eyodwa.
Lokhu kushiye u-Abdeslam Ouaddou nomsebenzi onzima wokwakha kabusha indlela iqembu elihlasela ngayo.
Nokho, u-Ouaddou ukhuthazekile yindlela iqembu eliqale ngayo kule sizini.
IPirates ikhombise amandla amakhulu ngesikhathi ishaya iSekhukhune United ngo 3-0.
Lokhu kwenzeke emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8 e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo.
U-Abdeslam Ouaddou uyavuma ukuthi ngeke kube lula ukuthola abadlali abazongena ezicathulweni zikaMofokeng noMaswanganyi ngokushesha.
“Besinabadlali abahle kakhulu abafana noMofokeng noTito,” kusho lo mqeqeshi.
“Kumqeqeshi akulula ukulahlekelwa abadlali abakuleli zinga. Kepha yimpilo le.
“Yimpilo yebhola. Ngibafisela konke okuhle, kodwa manje impilo yeqembu kumele iqhubeke.”
- FUNDA NALA | Sekusemthethweni, uPitso ubuyile kwiBafana
Ezindaweni zalaba badlali u-Ouaddou kubukeka ezosebenzisa abadlali abasebancane oSImphiwe Masilela noMpho Padime.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
