
Ezintsha ngoweChiefs neGallants kwiCufa Cup
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlalo weCufa Cup phakathi kweKaizer Chiefs neMarumo Gallants eToyota Stadium uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe.
NgoMgqibelo ebusuku, iGallants ikhiphe isitatimende izwakalisa ukungaboni ngaso linye nabahleli balo mdlalo.
Yize ingacacisanga izizathu, kuvela ukuthi bekubangwa indaba yenkokhelo, okwenze kwaba nokungabaza ngokuthi izoqhubeka yini nalo mdlalo.
IChiefs ibisivele ifikile eBloemfontein, kanti iGallants ibisesezingxoxweni yize beyikade seyiwumemezelile kubalandeli bayo.
NgoMgqibelo ebusuku, iGallants ikhiphe isitatimende iveza iveza ukuthi umdlalo ungase ungaqhubeki.
Nokho sekuvela ukuthi izingqinamba ebezikhona zigcine ziqaqekile futhi umdlalo usuzoqhubeka njengoba bekuhleliwe.
Womabili la makilabhu manje aseqinisekisiwe ukuthi azodlala emdlalweni owumcimbi wokugcina wale festivali yamasiko nobuciko, ngokubika kweSABC Sport ngeSonto.
Lo mdlalo, ongekho ngaphansi kwePremier Soccer League (PSL), uncike ezivumelwaneni phakathi kwabahleli namaqembu.
IChiefs ibisivele isiqede konke futhi wayika eBloemfontein kusenesikhathi esanele.
Umdlalo, oyingxenye yomkhosi obanzi onemicimbi yamasiko nobuciko, uhlelelwe u-3 ntambama ngeSonto.
Nokho iGallants ibingakasikhiphi isitatimende esiqinisekisa ukuthi izowudlala lo mdlalo njengoba beyithembisile ngoMgqibelo.
Nokho kuthiwa abahleli basebenze kanzima ukuze baqinisekise ukuthi umdlalo uzoqhubeka.
Womabili la maqembu azobhekana eToyota Stadium emdlalweni olindelwe ngabomvu.
