
USono uveza isono esixoshise uMokwena kwiDowns
– Intatheli yeLisenethini
Ubabomncane kaRulani Mokwena, uJomo Sono, usanda kuphumela obala ngezingxoxo eziyimfihlo abe nazo nale ngane yakhe kulandela ukuxoshwa kwayo kwiMamelodi Sundowns.
UMokwena ubesesebenze kwiSundowns iminyakanyaka ezinhlakeni ezehlukene kuze kufike ekubeni ngumqeqeshi omkhulu.
Ngesikhathi sobuholi bakhe, lo mqeqeshi oneminyaka engu-37 unqobise aMasandawana isicoco seDStv Premiership sesikhombisa kulandelana waphinde wathola nendebe ye-African Football League.
Nokho, indebe yeCaf Champions League, ebibhekwe ngabomvu imphuthile.
Imininingwane ngokuhamba kukaMokwena iyimfihlo ngenxa yesivumelwano sokungadalulwa kolwazi asisayine neSundowns.
Ngaphandle kwalokhu, uSono uveze ukuthi akukhona ukuhlulwa yiChampions League kuphela okudalele uMokwena amazinyo abushelelezi.
“Angazi ukuthi yini abebejelwe yona kwinkontileka. Ngicabanga ukuthi yonke into imayelana nokuthi yini abebekelwe ukuyizuza,” kuphawula uSono.
USono uchaze kabanzi, ekhomba ukuthi kungenzeka kube nepolitiki ethinta ukusayinwa kukaThembinkosi Lorch.
“Ngokwepolitiki nokunye, uma ubheka, yonke le nto iqale ngoLorch,” kuchaza uSono kwiMarawa Sports Worldwide.
“Angicabangi ukuthi bekuhlangene nokuwina noma ukungawini iChampions League.”
Uqhube wathi uMokwena nguye obefuna ukusayina uLorch, kanti umqondisi wezemidlalo kwiSundowns, uFlemming Berg, ubengayizwa leyo.
Kuthiwa uBerg ubekhala ngezizumbulu zemali ezikhishwe ngalo mdlali osekhulile nongeke esadayiseka ndawo.
“Wayixoxa nami [ekaLorch]… Kodwa uBerg ubengamfuni uLorch ngoba ebona ukuthi uLorch usekhule kakhulu.
“Wayethi abawazi ukutshala imali engaka ngomdlali oneminyaka engaphezu kuka-30,” kuchaza uSono.
“Ngibe sengithi kuye, ‘bheka ngeke ngikwazi ukungena kwipolitiki yeSundowns’. ‘Kunzima ukukweluleka kulokhu, angifuni ukuzifaka’
“Ngathi ngoba uma kuke kwazwakala ukuthi uthathe umbono wami, izogwala kwabezindaba kuthiwe sengithe ngathi.
OLUNYE UDABA: Kukhona okudla amantshontsho emsamo kwiRoyal AM
“Ngakho angifuni ukubandakanyeka, lokhu kuyisinqumo sakho. Uma umfuna ngampela uzomlwela, uma ufuna into uyayilwela, uma ungayifuni awuyilweli.”
