DStv PremiershipEzintsha

Kukhona okudla amantshontsho emsamo kwiRoyal AM

Kuthiwa lesi sikhulu asizivuseleli izinkontileka zabadlali kusenesikhathi yize sazi ukuthi iqembu alivumelekile ukusayina abadlali abasha.

Ngokwesigwebo seFifa esithweswe le kilabhu, ingazivuselela izinkontileka zabadlali asebevele bengaphakathi. 

Ngokuthola kweLisenethini, lesi sikhulu, esiligodlile igama laso okwamanje, sibuye sincinze nemali yesibonelelo sokusayina yabadlali. 

“Umonakalo awudalayo u(emgagula ngegama) mubi kakhulu kuleli qembu,” kusho umthombo. 

“Akazivuseleli izinkontileka zabadlali baze bahambe futhi abanye kuze kube manje abayazi imali yabo yesibonelelo sokusayina inkontileka.” 

“Kumanje leli qembu lihlukane noMenzi Masuku (osejoyine iGolden Arrows) ngoba  ehlulwa umsebenzi wakhe. 

“Kunabadlali abaningi abazohamba kuleli qembu ngenxa yakhe ngoba abaneme ngaye.” 

Lo mthombo uthe iqembu lize lizithola likweleta uSamir Nurkovic nje, lize lihlawuliswe ngale ndlela yiso lesi sikhulu. 

IRoyal AM iqede isizini edlule idonsa kanzima kwiDStv Premiership njengoba ibivika izembe.

Ukungakwazi ukubhalisa abadlali abasha kuyalikhubaza kakhulu iqembu njengoba seithembele kubadlali abasuka enkulisa abangenamava.