
Mabasa: Okwenze siyinike uRadiopane iphenathi
Umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa, usedalule ukuthi kungani uBoitumelo Radiopane enikezwe iphenathi ngesikhathi benqoba ngo 8-1 behlula iMarumo Gallants.
URadiopane, 22, ungene endaweni kaMabasa ngomzuzu ka-72 ngemuva kokuthi lo mgadli eshaye igoli lesithathu kulo mdlalo.
UYibasele enethini iphenathi, wathola igoli lakhe lokuqala eqenjini elikhulu kwiPirates.
UMabasa uthe uRadiopane besimfanele lesi sikhathi ngemuva kokukhombisa ukuzinikela ejimini yize ebhekene nombango onzima wejezi.
“Ngimjabulele kakhulu uRadiopane,” kusho uMabasa ngemuva komdlalo.
“Ubesebenza kanzima ejimini futhi usegcine elitholile ithuba walithatha, walisebenzisa.”
UMabasa uchaze ukuthi ngesikhathi bebekelwa iphenathi, akekho obe nokungabaza ukuthi kumele ishaywe uRadiopane.
“Ubungabona umongo wokuzwana esinawo eqenjini, indlela esesekana ngayo sonke.
“Ngesikhathi iqembu lithola iphenathi, wonke umuntu ebhentshini usukumile watshela abadlali abasenkundleni ukuthi kufanele bamnike yona.
“Kube wumphumela womsebenzi wokuzimisela awenza ejimini, futhi kufanele anconywe ngalokhu.
“Kuyishwa nje ukuthi azithole kulesi simo akuso,” kuqhuba uMabasa.
“Uzithola eqhudelana nomshayi magoli ohambe phambili ngesizini edlule nomdlali waphesheya weBafana Bafana ku-Evidence.
“Kodwa siyaqhubeka nokududulana ekuziqeqesheni futhi yiqembu kuphela elingazuza kulokho kusebenzisana.”
