EzintshaKaizer Chiefs

USirino muhle kwiChiefs, kodwa uBaloyi unovalo

UGaston Sirino uyiqale ngegiya elihle impilo kwiKaizer Chiefs ngemuva kokudedelwa yiMamelodi Sundowns. 

Lo mdlali oneminyaka engu-33 usevele ushaye igoli, wakha amabili emidlalweni emithathu yeBetway premiership. 

Ukusheshe angene egiyeni kwakhe kuwasize kakhulu Amakhosi, kodwa inkakha yeqembu, uBrian Baloyi kukhona okumsabisayo ngalokhu. 

UBaloyi ukholwa wukuthi kunokuswelakala kwabadlali abahlaselayo esiswini kwiChiefs.

Usaba ukuthi uma uSirino engalimala, abanjwe wukugula noma athole ikhadi elibomvu, kungabhimba uhlelo kuMakhosi. 

“Uma kungenzeka okuthile kuye, singazithola sinenkinga enkulu,” usho kanje kwiPodcast and Chill muva nje. 

Njengoba uSirino esephakamise isandla ukuthi engalithwala iqembu, abadlali abafana noPule Mmodi, Tebogo Potsane, noNkosingiphile Ngcobo abakazivezi kule sizini. 

Laba badlali, noHappy Mashiane noMduduzi Mdantsane, kumele bakhombise ukuthi bengasivala isikhala uma uSirino engekho. 

“Sisashoda lapha nalaphaya. Emuva sisaxegaxega, kodwa ngijabule ngabaphambili,” kuqhuba uBaloyi. 

“Ngihlezi ngisho ukuthi sisadinga omunye umgadli. (URanga Chivaviro) UChiva usebonakala eba ngumgadli omuhle, uyawashaya amagoli okuyinto esiyidinga kuye. 

“Into engikhathazayo nje ukuthi uma ubheka, uSirino uyena olawula iminyakazo yeqembu yokuhlasela.” 

IChiefs isanda kuhlulwa yiSundowns ngo 2-1 emdlalweni weligi. Nokho inekhefu elide lokulungisa la ibona kusaxega khona.