
Ishintsha umzila i-Orlando Pirates, ayisabuyeli eSpain
I-Orlando Pirates ihlela ukususa ikhempu yayo yokulungiselela isizini entsha isuka eSpain iye kwelinye izwe lase-Europe.
AmaBhakabhaka abevakashela eSpain ukuyolungiselela isizini emikhankasweni emibili edlule.
Lokhu kukholakala ukuthi i-Orlando Pirates ibikwenza ngoba umqeqeshi uJose Riveiro engowokuzalwa khona eSpain.
Kodwa njengoba uRiveiro eseshiya, imithombo esondelene neqembu iveze ukuthi iPirates izobhekisa amabombo eGermany.
Kuvela ukuthi amalungiselelo alolu hambo okulindeleke luthathwe maphakathi noJuni asevele aqalile futhi aseya emaphethelweni.
“Ikilabhu kukholakala ukuthi ishintsha ikhempu yangaphambi kwesizini isuka eSpain iye eGermany.
“Izinto eziningi ziyahlelwa futhi abathintekayo sebevumelene,” umthombo usho kanje kwiSoccer Laduma.
Omunye ongaphakathi uthe umqeqeshi omusha kungenzeka ajoyine iqembu uma seliseGermany.
“Ngaleso sikhathi, umqeqeshi omusha kulindeleke ukuthi ahlangane neqembu.
“Bafuna ukusebenzisa uhambo ukwakha ubudlelwano phakathi kwakhe, abadlali, nethimba azosebenzisana nalo,” kusho lo mthombo wesibili.
Uhambo lwaseGermany luthathwa njengokhiye ekusizeni umqeqeshi omusha ukuthi azinze futhi alungiselele isizini ka-2025/26.
I-Orlando Pirates ayikasho lutho ngokuqokwa komqeqeshi omusha. Iveze ukuthi okugxilwe kukho njemanje wukuqeda isizini.
Nokho izikhulu zona seziqaliile esithe ukuqala amalungiselelo okusiza ozongena endaweno kaRiveiro afice yonke into ihleleke kahle.
Iqembu lona okwamanje bafuna ligxile ekuhubheni izindebe njengoba lisembangweni wezintathu – iNedbank Cup, iBetway Premiership neCaf Champions League.
Ikhempu yangaphambi kwesizini ehleleke kahle ibonakala ibalulekile ekuqinisekiseni impumelelo emiqhudelwaneni yasekhaya neyezwekazi.
Ukuthuthela eGermany kuphinde kubonise isifiso sePirates sokukhulisa izinga layo ngesizini ezayo.
Imininingwane eyengeziwe ngomqeqeshi omusha kanye nezinhlelo ezigcwele zangaphambi kwesizini ezayo kulindeleke kwethulwe emphakathini emasontweni ezayo.
