
UNcobo uphawula ngegoli leChiefs elisuse umsindo
Owayengunompempe ohamba phambili kuleli, edume ngokunganqeni ukukhipha amakhadi abomvu, u-Ace Ncobo, usephawulile ngegoli leKaizer Chiefs elisuse umsindo.
IKaizer Chiefs ishaye iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kungazelele muntu, iyiwashisa ijezi kwiNedbank Cup ngempelasonto.
Lo mdlalo obudlalwa enkundleni ebigcwele phama abalandeli ubunezigemegeme ezilindelekile emdlalweni walolu hlobo.
Nokho esithathe amehlo esegoli iKaizer Chiefs enqobe ngalo nelishaywe u-Ashley Du Preez umdlalo usuyophela.
Liyikhalise kakhulu iSundowns kanti umqeqeshi wayo, uMigiul Cardoso uze waphatha nomakhalekhukhwini eyobonisa izintatheli ngemuva komdlalo ukuthi kwenzekeni.
Ukhale ngokuthi uDu Preez ushaye leli goli esesendaweni engamfanele, futhi bekungamele libalwe.
Uze wabalisa ngokuthi kubuhlungu lana ke ukusebenza ezweni elingenayo iVAR ngoba ubambeka ngophondo kalula nje.
Okuhlekisayo ke ngalokhu wukuthi nabeChiefs abaningi abaphiki kodwa bajabulele ukuthi nabo bake badle nje ngesinqumo esingafanele esivuna bona.
UNcobo naye uvumelanile noCardoso, nokho wathi ubephume kancane kakhulu phambili uDu Preez ngakho bekungelula ukuthi abonakale.
