Ezintsha

URulani Mokwena ‘ucikwe’ abalandeli beWydad

URulani Mokwena ukusho lokhu ngemuva kokuthi i-Wydad idlale ngokulingana ngo 1-1 nezimbangi zayo iRaja Casablanca kwidabhi yeBotola Pro 1 ngoMgqibelo.

Lo mphumela unwebe ukunganqobi kwe-Wydad kwaya emidlalweni emihlanu kwiligi. Idlale ngokulingana kuyo yonke le midlalo.

Le miphumela engemibi, kodwa futhi engemihle ilimaze amathuba ayo okuqeda endaweni yesibili bese ibuyela kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

Njengamanje iWydad isendaweni yesithathu ngamaphuzu angu-44 ngemuva kwemidlalo engu-26. 

Inqobe imidlalo engu-11, yadlala ngokulingana engu-11, yabe seyihlulwa kwemine emidlalweni engu-26 yeligi.

“Sibe nemidlalo enzima. Ngiyazi ukuthi okulindelekile kithi kuphezulu kakhulu. 

“Kodwa ngeke ngikwazi ukujabulisa abantu abayizigidi ezinhlanu,” kusho uRulani Mokwena.

Lo mqeqeshi waseNingizimu Afrika unengcindezi evela kubalandeli abangeneme ngemiphumela yakamuva.

Ukushuba kwesimo kukhuphuke kakhulu ngemuva kokuthi iiWydad iwashe ijezi kwiThrone Cup ngempelasonto edlule. Ihlulwe yiMA Tétouan.

Lowo mphumela usho ukuthi iWydad izoqeda isizini ingenayo indebe. URulani Mokwena Mokwena kulindeleke ukuthi alishiye leli qembu ekupheleni kwale sizini.

Phezu kwengcindezi, uMokwena ugcizelela ukuthi yena wenza konke okusemandleni akhe. 

Ujoyine iWydad kulindelwe lukhulu kuye kulandela impumelelo yakhe kwiMamelodi Sundowns.

Nokho leli qembu lithwale kanzima ukugcina umgqigqo emiqhudelwaneni ehlukene.

Abalandeli bazwakalise ukukhungenami kwabo, kodwa uMokwena ukholwa ukuthi ukubhekana nengcndezi yabalandeli yingxenye yomsebenzi wakhe.

Njengoba isizini seyizophela nje, iWydad izodinga imiphumela eqinile ukuze iqede endaweni yesibili.

Kodwa njengoba uMokwena esezohamba, kusasele imibuzo mayelana nekusasa laleli qembu nobuholi ngesizini ezayo.