
‘Ushintshe umshovo’ uBroos ebophela eleBafana koweCameroon
UHugo Broos ushintshe umshovo ngesikhathi ebophela iqembu elizodlala umdlalo omqoka wesigaba somkhumulajezi kwi-Africa Cup of Nations ngeSonto.
IBafana Bafana izogadulisana neCameroon eRabat eMorocco ngeSonto ngo-9 ebusuku emdlalweni omqoka kakhulu kuwo womabili amaqembu.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium wenze izinguquko eziningi eqenjini eliqala umdlalo – bane abadlali abasha esikimini sakhe kulo mdlalo.
Kubadlali abaqala okokuqala kusukela kuqale lo mqhudelwano kukhona uSamkelo Kabini, uNkosinathi Sibisi, uRelebohile Mofokeng noBathusi Aubass.
Umdlali osesuse isasasa kulaba abasha eqenjini nguRele Mofokeng obekulokhu kunemibuzo ngokuthi akadlaliswa ngani.
Ibophele kanje iBafana: Williams – Kabini, Mudau, Mbokazi, Ngezana, Sibisi – Appollis, Mofokeng, Aubass, Mokoena – Foster
FUNDA NALA | Kusale kumuncu iMorocco ibanjelwa kwiTanzania
Ebhentshini: Chaine, Goss, Smith, Ndamane, Modiba, Mbatha, Moremi, Nkota, Mokwana, Sithole, Mbule, Makgopa, Matuludi
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
