EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uveza okuzojika izinto kwiPirates koweChippa

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usegcizelele into ebalulekile abayenzile ngaphambi komdlalo weBetway Premiership neChippa United.

IPirates izobhekana neChippa eKings Park Stadium eThekwini ngeSonto ngo-3 ntambama.

Ezika-Ouaddou zizobe zibheke ukubuyela emgqigqweni wokunqoba ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 naMaZulu FC kuyo le nkundla phakathi nesonto.

Ngenxa yemidlalo eminingi esondelene, u-Ouaddou uthi abadlali kumele bangene emdlalweni bephilile ngokomzimba nangokwengqondo.

“Okubaluleke kakhulu wukuvuselela amandla ngoba ukuze udlale omunye umdlalo onamandla kangaka, udinga imilenze emisha nengqondo epholile,” kusho u-Ouaddou.

Uthe ukulungiselela lo mdlalo baphinde babheka ukuthi yini abayenze kahle nalapho okumele lilungise khona.

“Sihlaziye umdlalo ukuze sikhombise abafana esikwenze kahle nokumele sikuthuthukise,” kuqhuba yena.

“Yileyo ndlela esisebenza ngayo kusukela ekuqaleni. 

“Okubaluleke kakhulu ukubona ukuthi yiziphi izindawo okumele sizithuthukise kuzo.”

U-Abdeslam Ouaddou uphinde wancoma indlela i-Orlando Pirates edlale ngayo ngesiwombe sesibili ibhekene naMaZulu.

“Kumele siphinde sikhombise izenzo ezinhle nokuhlangana esikwenze esiwombeni sesibili ngoba esiwombeni sesibili senze izinto eziningi ezinhle.”