EzintshaMamelodi Sundowns

Kusize amaphoyisa abalandeli beDowns befuna ‘ukuxoxa’ nomqeqeshi 

Ulaka lwabalandeli luhlale obala ngemuva komdlalo wangoMgqibelo ntambama la iSundowns iwashiswe khona ijezi kwiMTN8 yi-Orlando Pirates.

Ngesikhathi eseyongena ebhasini, iqulu labalandeli lize lavinjwa amaphoyisa lifuna ukuzifikela kuye lithi lifua ‘ukuxoxa’ naye. 

Bebekhona nabanye abalandeli abebekhuza, bebuza laba abafuna ukulwa naye ukuthi wenzeni umqeqeshi kwazise iqembu lihlulwe kumaphenathi. 

Khonamanjalo, uCardoso ukuchithile ukuthi iqembu lakhe kungenzeka liphazanyiswe yisimo esingesihle esikhona njengamanje ngoLucas Ribeiro. 

Lo mdlali waseBrazil usempini yezomthetho nale kilabhu njengoba esenqume ukuyinqamula inkontileka yakhe kulandela ukuthi iSundonws inqabile ukumdayisa. 

URibeiro ubefunwa yiQatar SC kodwa iSundowns yasichitha isicelo sayo, ikhala ngokuthi incane kakhulu imali ebibekwa yileli qembu etafuleni. 

“Akuhlangene nokwenzekayo ngoba akwenzeki eqenjini, kwenzeka ngaphandle ngaphakathi akukho lutho olubi,” kusho uCardoso. 

“Sinokuthula eqenjini, siyakuthokozela nsukuzonke ukusebenza, asinazinkinga… Ukudla kwasekuseni nokwasemini kukhona. 

“Izinkundla zokuzicija zisesimweni esihle, siyaziqeqesha, akukho zinkinga, yonke into isesimweni esifanele. 

“Isimo sizothile nje kahle. Abadlali bafika ngesikhathi esifanele njalo ekuseni futhi sisebenza ngesinabo kanti asizikhathazi ngokunye.” 

Emdlalweni olandelayo, iSundowns izobhekana neKaizer Chiefs kwiBetway Premiership ngoLwesithahu ebusuku eFNB Stadium. 

Njengoba abalandeli sebeqalile ukuveza ukungeneliseki nje ngomqeqeshi, usezoba nengcindezi kulo mdlalo. 

Kuzomele nakanjani awunqobe ukuze abehlise ulaka. Ukwehlulwa kabili kulandelana amaqembu aseSoweto ngeke kwehle kahle kubalandeli.