
OweBucs ukhala ngokucwaswa, uchaza eyokuqabula ozakwabo
U-Abdeslam Ouaddou useveze ukuthi ukugxekwa akutholile kusukela efikile kuleli qembu kunenhlese yokumbukela phansi ngexa yebala lesikhumba sakhe.
Lo mqeqeshi odabuka eMorocco uyiqale kabi isizini ehlulwa emidlalweni emibili yeligi okwenze abalandeli baqala bashaya amakhala ngaye.
Nokho uligezile kancane igama lakhe kwiMTN8 njengoba eseze wafika kowamanqamu nje ngemuva kokukeqa iPolokwane City neMamelodi Sundowns.
Uthi ukusolwa kwakhe uyakwamukela, kodwa angakuthandi wukuthi kube sekwenziwa ihaba ngenxa nje yokuthi ungumuntu omnyama.
“Uma ugxekwa kusho ukuthi usuke wenza umsebenzi womphakathi,” kusho u-Ouaddou ngemuva komdlalo wangoMgqibelo.
“Mina sengibe sebholeni iminyaka engu-30. Uma abalandeli bengeneme eqenjini elikhulu ngoba ungawini, ngiyakuqonda lokho.
“Ngibe sengizibuza ukuthi yini engingayenza. Iyodwa into ongayeza, wukuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla, uvale umlomo bese uba nesineke.
“Mina lo msebenzi ngiwenza ngoba ngiyawuthanda. Ngiyabathanda abadlali bami, ngiyabathanda nengisebenzisana nabo.
“Ngifike ngedwa lapha. Bengingafika nabantu abayisithupha, kodwa ngiyakholelwa kumakhono abantu base-Afrika.
“Uma ubheka kahle abantu baseNingizimu Afrika, banamakhono amahle – yingakho bekungenasidingo sokuthi ngifike nabantu bami lapha.
“Inkinga isezingqondweni zabantu. Uma umnyama ngokwebala, bavele bangakuniki isikhathi sokuthi usebenze. Mina engikucelayo nje yisikhathi.
“Ngiyalazi ikhono lami, ngingum-Afrika futhi ngiyaziqhenya ngalokho. Yilokho okwenze ngiqabule abafowethu.
“Benze umsebenzi omuhle. Ngakho uma nginikwa isikhathi, mhlawumbe ngingalisiza kakhulu iqembu.
“Uma ngihluleka, ngizoxoshwa… Kunjalo nje ebholeni – kodwa ngiyawuthanda umsebenzi wami.”
FUNDA NALA | UCardoso uphume esevika abalandeli besho ukumqeda
IPirates izobhekana neStellenbosch FC kowamanqamu. Nokho ngaphambi kwalokho, isenemidlalo yeligi okumele iyidlale.
Umdlalo olandelayo ungoLwesibili la izobhekana khona ne-Orbit College e-Orlando Stadium. Ngemuva kwalokho iyobe seyivakashela iChippa United eGqeberha.
