EzintshaMamelodi Sundowns

Usejike umqondo ngoMiguel Cardoso, uthi yingqwele evuthiwe

Owayengumdlali weMamelodi Sundowns,z uBennedict ‘Tso’ Vilakazi usejike umqondo ngoMiguel Cardoso.

Njengabanye abaningi uTso wayebungabaza ubungqwele balo mqeqeshi ngesikhathi efika.

Nokho manje useyamvuma, uthi ikhona ingoma kumfokaCardoso.

Isizathu esimenze washintsha umqondo? Ukuthi ubona indlela leli qembu elenza kahle ngayo muva nje.

“Ngingomunye wababethi uCardoso akahambe,” kusho uTso owaqala ukuzakhela igama kwi-Orlando Pirates.

“Ngangisho kanjalo ngoba ngibona indlela iqembu elalidlala ngayo.

“Kodwa engingakusho manje wukithi ngiyamhlonipha uCardoso – sengiyamthanda.”

Uqhube wathi uMiguel Cardoso useyibuyisele esitayeleni sayo iSundowns.

“Uma ubheka indlela abadlala ngayo manje, uyabona ukuthi yile Sundowns esiyaziyo nesiyithandayo.

“Uma bedlala ngale ndlela, indlela yeSundowns bayakwazi ukucibdezela imbangi, bakhe amathuba amahle okushaya amagoli.”

Uncome amava kaMiguel Cardoso, wathi uyafunda emaphutheni akhe.

“Uyakazi ibhola futhi uhlezi ebheka ukuthi yikuphi lapho kumele alungise khona. Mina ngijabule ngaye,” kuphetha le nkakha.