
UMokwena uvikela uMofokeng: Akudingeki abe yisigwebedla!
Umqeqeshi wePyramids FC, u-Rulani Mokwena, usephikile ukuthi u-Relebohile Mofokeng kumele akhulise umzimba ukuze aphumelele ebholeni lase-Europe.
Ekhuluma neSouth African Football Journalists Association (SAFJA), uMokwena uthe ukuba mkhulu nokuba namandla akusona isidingo sokuba ngumdlali osezingeni eliphezulu.
Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi iBetway Premiership ilungiselela kahle abadlali baseNingizimu Afrika ukubhekana nezimfuno zebhola lase-Europe.
Uveze ukuthi ucwaningo oluqhathanisa amabanga agijinywa ngabadlali, ukugijima ngesivinini esiphezulu namandla omdlalo lukhombisa ukuthi iligi yaseNingizimu Afrika isezingeni elifanayo neMajor League Soccer (MLS) yase-US.
UMokwena uthi lokhu kwenza abadlali bakuleli bathandeke nakumaqembu aphesheya.
Uphinde wathi akaboni uMofokeng enenkinga enkulu yokuzijwayeza kwiligi yaseBelgium noma yaseNetherlands, kanti lokhu kungamvulela indlela eya kwiLaLiga yaseSpain.
“Awudingi ukuba yisigwebedla ukuze uphumelele kulawo maligi,” kusho uMokwena.
U-Rulani Mokwena uphinde wancoma ukukhula kuka-Relebohile Mofokeng endleleni agebha ngayo enkundleni nokuvula kwakhe izikhala.
- funda nala | ISAFA ISIMEMEZELE INKUNDLA YOKWEBAFANA
Lokhu kuphikisana nombono kaHugo Broos, owake wathi uMofokeng uzodinga izinyanga eziyisithupha ukuze ajwayele amandla ebhola laseBelgium.
- ezishisayo| COFA LAPHA USITHOLE KUWHATSAPP
