EzintshaKaizer Chiefs

OweGalaxy uveza akutshelwe oweChiefs beyinyathela amakhona

Ithimba lezokuxhumana le-TS Galaxy linyathele i-Kaizer Chiefs emakhoneni ngesithombe sembongolo ezibona iyibhubesi esibukweni, kwacasuka abaphathi baMakhosi.

Usihlalo weGalaxy, uTim Sukazi, usedalule ukuthi uthole umyalezo kuWhatsApp ovela esikhulwini saMakhosi uJessica Motaung ngemuva kokushicilelwa kwalesi sithombe.

Lesi sithombe sishicilelwe ngemuva kokuthi iChiefs neGalaxy ziqhathwe emzuliswaneni wokuqala kwiCarling Black Label Knockout ngoLwesithathu.

Ihlaya libonakala liqondiswe kwiChiefs, esebenzisa ibhubesi ezithombeni zayo kule sizini, kodwa imiphumela yayo enkundleni ingagculisi. 

Sekuphele iminyaka engaphezu kwengu-10 ingayinqobi iligi, kanti iNedbank Cup ka-2025 iyindebe enkulu esanda kuyiphakamisa.

USukazi uthe akazange asheshe asibone lesi sithomb ukuze akhuze.

“Ngithole umyalezo kaJessica onalesi sithombe nezimpawu zemibuzo ezintathu,” kusho uSukazi kwiMetro FM.

Uthi yena ukubone njengokugconana nje kwamaqembu, kodwa wavuma ukuthi umugqa mncane.

“Bengizokhetha ukuthi kufakwe ilogo yeChiefs ekhanda lebhubesi kunesinye isilwane!” kuqhuba yena.

Lesi sithombe namanje sisekhona ezinkundleni zokuxhumana zeGalaxy.

Isifake nje ibisanda kuhozisa esinye ebisifakile la beyiveza isikhulu se-Orlando Pirates uThandi Merafe ehumba umdlali weGalaxy efuna ukumnika imvelophi enemali.

USukazi uthe wakukhuza lokhu. Kodwa lo mengameli we-TS Galaxy akazange ayikhuzele i-Kaizer Chiefs kulokhu kugconwa kwayo yize kucaca inyatheleke amakhona.