Ezintsha

UMofokeng, Moremi, Matlou kwabangase bashintshe amakilabhu

Izinhlelo zokusayiniswa kwabadlali okuzoqiniswa ngabo ngesizini ezayo seziqalile emaqenjini amaningi.

I-Orlando Pirates yiyo ebhekwe kakhulu kuleli qindi elizayo njengoba ingazange isayine mdlali ngelikaJanuwari. 

AmaBhakabhaka awazange asayine ekuqaleni konyaka kodwa manje asemataniswa nezihlabani ezimbalwa. 

Inhloso yayo isobala — ukuvala igebe kompetha beligi abaphethe iMamelodi Sundowns.

UMonnapule Saleng usebuyile ekuzilolongeni nePirates ngemuva kokungazibandakanyi neqembu isikhashana. 

USaleng kuvela ukuthi usazohlala kuleli qembu ngesizini entsha. Lokhu akungabazeki kuzoyiqinisa iPirates.

Kulindeleke nombango oshubile ngomdlali osemncane kodwa oza mawala waMaZulu FC uTshepang Moremi. 

Lesi sihlabani esisesincane kubikwa ukuthi sesidonse amehlo e-Orlando Pirates, iMamelodi Sundowns, neKaizer Chiefs. 

Zontathu lezi ziqhwaga zaseGauteng kubikwa ukuthi zimfuna njengemali lo mdali wasophikweni.

Khonamanjalo AmaZulu asembonile nawo azovala ngaye isikhala sikaMoremi uma kwenzeka egcina ehambile. 

Kuvela ukuthi asiqaphe ngeso lokhozi isimo sikaGeorge Matlou kwiKaizer Chiefs ngenhloso yokumsayina uma iChiefs imdedela.

Lo mdlali wasesiswini waMakhosi uzotholakala mahhala uma inkontileka yakhe ingavuselelwanga.

IChiefs nokho isisheshe yakuqeda ukuqagela ngokaputeni wayo uYusuf Maart ngokumelulela inkontileka ngokwengeza enye isizini. 

Njengamanje leli qembu elizinze eNaturena liphokophele ukuqeda iligi lingaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kwilogi.

URelebohile Mofokeng yena kuvela ukuthi naye angase ashintshe umoya ngesizinii ezayo. 

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uveze ukuthi ukholwa ukuthi lena kuzoba yisizini yakhe yokugcina eNingizimu Afrika. 

Lokhu sekuqubule ukuqagela ngokuthi lo mdlali osemcane othokozisayo uzofudukela phesheya kwezilwandle ngoJuni.

Njengoba sekusondele ukupjhela kwesizini, amakilabhu aseNingizimu Afrika azilungiselela ukungena emakethe. 

Nokho okubhekwe ngabomvu cishe kunakho konke wukuboona ukuthi iPirates izosivala ngobani isikhala sikaRiveiro.