
OweChiefs nethemba ngoKhanyisa Mayo eqeda indlala yamagoli
UKhalil Ben Youssef ukholwa ukuthi uKhanyisa Mayo usekulungele ukufaka isandla emkhankasweni weKaizer Chiefs esigabeni sokugcina sesizini yeBetway Premiership.
UMayo uveze ubukhali bakhe ngoLwesithathu ebusuku, esuka ebhentshini wafike washaya igoli iChiefs inqoba ngo 4-1 ihlula iMagesi FC ePeter Mokaba Stadium.
Lo mgadli ungqofe ngekhanda ibhola ebeligotshwe uReeve Frosler ngomzuzu ka-83.
KuBen Youssef, leli goli likaKhanyisa Mayo kade lalidingeka futhi lizokhulisa ukuzethemba kwakhe.
“Ubesebenza kanzima kodwa ube nebhadi lokulimala,” kusho lo mqeqeshi weChiefs.
“Ejimini uma sizilolonga, ubedlala kahle kakhulu futhi eyilwela indawo yakhe.”
Isizini kaMayo iphazanyiswe wukulimala, okunciphise amathuba akhe okudlala kwaphazamisa nomgqigqo wakhe.
Ngisho nalapho ebuyela ekudlaleni, akakwazanga ukusheshe abuyele efomini yokushaya amagoli — into ebilikhathaza ithimba labaqeqeshi.
“Ube nebhadi kancane emidlalweni embalwa edlule ukuthi angalishayi igoli,” kuqhuba uBen Youssef.
“Kodwa manje usenegoli lakhe lesibili, futhi sikholwa ukuthi lokho kuzomenza akwazi ukusiza iqembu.”
IChiefs isemjahweni wokuqeda emaqenjini amathathu aphezulu kwilogi ukuze ibuyele emiqhudelwaneni yeCAF.
Yingakho ukubuyela efomini kukaKhanyisa Mayo kwenzeke ngesikhathi esikahle impela.
Njengoba isizini isiya emaphethelweni, Amakhosi adingabonke abagadli bawo bebukhathi ngokungenzeka.
