DStv PremiershipEzintsha

Abahlanu okubhekwe bathole amakhaya amasha namuhla

Njengoba iwindi lokudayiselana ngabadlali kwiPSL livalwa ngoLwesihlanu, kunabadlali abanamagama okubhekwe ukuthi bashitshe amaqembu ngosuku lokugcina.

Amahlebezi abelokhu eqhubeka ngabadlali abambalwa abamqoka nabangase bathole amakhaya amasha. 

Lapha sibheka abadlali abahlanu abahamba phambili okulindeleke ukuthi bashintshe amakilabhu ngaphambi kokuthi kuvalwe iwindi.

  • USibongiseni “Ox” Mthethwa weKaizer Chiefs:

UMthethwa ungomunye wabadlali okukhulunywe ngabo kakhulu kuleli windi lokudayiselana ngabadlali. 

Yize kungakaqinisekiswa lutho, kodwa amakilabhu afana neGolden Arrows neMagesi FC kubikwa ukuthi anentshisekelo ngaye. 

Indlela adlala ngayo uMthethwa esiswini imenza ahehe kwamanye amaqembu. 

Nokho eNaturena kuvela ukuthi umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi akamuzwa kahle. 

Yingakho manje lo mdlali, oneminyaka engu-28 ubudala, esekhonjwa kwamanye amaqembu.

  • UZakhele Lepasa we-Orlando Pirates:

Lo mgadli we-Orlando Pirates akakaze adlale nowodwa umdlalo kule sizini. 

Yize isizathu kuwukuthi usalimala, uLepasa ubevele elizwa ngendaba ijezi nangesizini edlule. 

Ukuthuthela kwiSuperSport United yinto engamsiza kakhulu kwazise umqeqeshi uGavin Hunt, uyamthanda lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala.

Kumngamsiza abuyise ifomu yakhe, aphinde alwele ukubuyisa indawo yakhe kwiBafana Bafana. 

  • U-Oswin Appolis:

Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala wePolokwane City ufunwa uthili yiKaizer Chiefs. 

Ngemuva kokubhidlika kwezinto phakathi kwakhe neMC Alger, iChiefs izwakalise intshisekelo enkulu. 

Nokho iPolokwane iqale yasinqaba isicelo sayo. Kodwa iChiefs isaxoxisana nayo, futhi amahlebezi aveza ukuthi naye u-Appolis ushabashekela ukuhamba.

Sekuvela negama lomacaphuna kusale, iMamelodi Sundowns emaqenjini okuthiwa afongqa isigqoko kwiPolokwane, ecela ukudayiselwa lo mdlali.  

  • UJayden Adams: 

IStellenbosch FC imile kwelokuthi ngeke iphinde ikhiphe izihlabani, kodwa iSundowns kubikwa ukuthi isangqongqoza. 

U-Adams, oneminyaka engu-21, ungomunye wabadlali abangumgogodla weqembu likaSteve Barker kanti uhehe amakilabhu ahlukene aphezulu, okuhlanganisa neSundowns. 

Uma uStellies sithola isicelo semali enhle mgokwanele, kungenzeka ilingeke ukuba imdedele.  

  • USipho Mbule:

UMbule ulithole amacozucozu ijezi kusukela esayine kwiMamelodi Sundowns kanti amahlebezi aveza ukuthi kungenzeka ukuthi usendleleni ephumayo. 

Kudingidwa elokuthi abolekiswe kwiSekhukhune United. Njengoba eseneminyaka engu-26, uMbule udinga ukudlala njalo ukuze aphinde athole ifomu yakhe aphinde abe nomthelela kwiPSL.  

Njengoba iwashi lihamba lilokhu liwadla nje amahora, kuthembisa ukuthi kuzoba usuku lokugcina olujabulisayo lwewindi lokudayiselana ngabadlali.

Laba badlali esibabale lapha, nabanye abaningi kungenzeka bathole ithuba lokushintsha umoya.