EzintshaOrlando Pirates

‘Usalile’ uSaleng i-Orlando Pirates iya eSpain, kodwa…

Nokho kulindeleke ukuthi ajoyine ozakwabo ekhempini yokulungiselela isizini eMarbella, eSpain, ngokuhamba kwaleli sonto.

Ukungabi khona kukaSaleng kushayise amakhala uma kubhekwa isikhathi eside engadlali kuleli qembu kusukela ngoDisemba 2024.

Imibiko yangaleso sikhathi yaveza ukuthi inkinga wukungaboni ngaso linye nabaphathi beqembu mayelana nokunyuswa kweholo.

Kodwa-ke, ezintsha ziphakamisa ukuthi ukungaboni ngaso linye obekukhona sekulungisiwe futhi ubudlelwano nabo bulungisiwe.

Manje amaBhakabhaka kuthiwa asabona lo mdlali weBafana Bafana njengengxenye ebalulekile yezinhlelo zawo zesizini ka-2025/26.

Ngokusho kwabangaphakathi eqenjini, ukusala kukaSaleng eqenjini elihambe ngoMsombuluko kube ngenxa yokuphothula izindaba zangaphakathi sekwephuzile.

Ngempelasonto, kuvele amahlebezi okuthi zombili izinhlangothi sihlale phansi futhi zakulungisa ukungezwani kwazo.

Lokhu yikho okuvule indlela yokuthi uMonnapule Saleng abuyiselwe eqenjini le-Orlando Pirates njengoba kuthiwa uzolijoyina maduze.

Umqeqeshi osanda kuqokwa u-Abdeslam Ouaddou kukholakala ukuthi ube nesandla ekwenzeni izinto zibe lula ukuthi kubuyiswane. 

Lo somaqhinga waseMorocco ufike nendlela ehlukile yokuphatha abadlali kwiPirates.

Ikakhulukazi labo abanesiphiwo kodwa abanokudinga ukunakwa ngendlela ehlukile njengoSaleng nozakwabo wasesiswini uSipho Mbule.

Kuthiwa u-Ouaddou ukubeke kwacaca ukuthi wonke umdlali uzonikezwa ithuba elifanayo.

Le ndlela yakhe ingavuselela umsebenzi kaSaleng kuleli qembu laseSoweto ngemuva kwezinyanga ingacaci indaba yakhe.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala, obeyintandokazi yabalandeli. manje usezobheka ukusebenzisa ikhempu yaseSpain ukuvuselela umgqigqo wakhe.

Kuzomele asebenzele ukubuyela eqenjini eliqala imidlalo bese eqhubeka nokuvelela njengangaphambilini.

Iqembu lizomdinga ukuthi abe sezingeni eliphezulu ngaphambi komkhankaso onzima wemiqhudelwano yakuleli neyezwekazi ngesizini ezayo.