EzintshaOrlando Pirates

UChaine akazikhohlisi ngeChampions League

USipho Chaine kudingeke ukuthi avimbe amabhola anzima ukusiza i-Orlando Pirates ingene esigabeni somkhumulajezi kwiCaf Champions League. 

IPirates ikwazile ukungena isasalelwe umdlalo owodwa esigabeni samaqoqo ngesikhathi ishaya iCR Belouizdad yase-Algeria ngo 2-1 e-Orlando Stadium ngeSonto. 

Lo nozinti oneminyaka engu-28 ubudala kudingeke ukuthi adlale indima yakhe.

Futhi ukwazile ukugcina iPirates isemdlalweni ngokuvimba amabhola abemabi abezanywa yiBelouizdad. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uChaine uvumile ukuthi bajabule kodwa wabuye waphawula ukuthi umqhudelwano wangempela yikhathi uqala manje kwiChampions League. 

“Ngijabule kakhulu ngokudlulela kuma-quarter final,” kusho uChaine ekhuluma nabezindaba. 

“Sifike lapha ngenhloso yokuzogxila kulo mdlalo owodwa, ukuze sithole amaphuzu amathathu bes esidlulela emzuliswaneni olandelayo.

“Kithina kusho lukhulu ukuthi sidlulele phambili, kodwa-ke uhambo yikhathi luqala manje.”

IPirates kusafanele idlale ne-Al Ahly emdlalweni wokugcina wamaqoqo ngaphambi kokuthi yazi imbangi yayo yomzuliswano olandelayo.

Izoya eCairo ukuyodlala umdlalo ohlelelwe uMgqibelo ebusuku. Onqobile phakathi kwabo nguye ozoqeda phezulu ku-Group B.