AmaZuluEzintsha

Uhla lwabaqeqeshi abamataniswa noSuthu

Kukholakala ukuthi AmaZulu FC asebheke kuBenni McCarthy ukuthi abuyele kuleli qembu kulandela ukuxoshwa komqeqeshi uPablo Franco Martin. 

UMcCarthy, owayengumgadli weBafana Bafana akanaqembu njengamanje kulandela ukushiya kwiManchester United.

Ubengumqeqeshi wabadlali baphambili kuleli qembu, esebenza ngaphansi kuka-Erik ten Haag amasizini amabili.

Kuvela ukuthi uqoke ukushiya ngoba esekhumbule ukusebenza ngokuzimela naye.

Usuthu luqinisekise ukukhululwa kukaMartin emsebenzini wakhe ngoMsombuluko ebusuku.

Ubesehlulwe imidlalo emithathu kulandelana kwiBetway Premiership, okwenze kwacaca ukuthi angase ahluleke wukufeza izimfuno zeqembu. 

UMcCarthy waxoshwa kungazelele muntu kuleli qembu ngemuva kokuthi ayelithathe lisezembeni, waliqedisa endaweni yesibili ngesizini ka-2020/21. 

Ngokubika kweSABC Sport, le kilabhu izimisele ngokubuyisa uMcCarthy.

Kubikwa ukuthi kinethemba lokuthi noma yiziphi izinkinga ezaziholele ekutheni bahlukane phambilini sezilungisekile.

Bakhona bananye abaqeqeshi abahlukene abavezwe yilo mbiko, kuthiwa Usuthu lucabangela kubo. 

Kubo kukhona uMorena Ramoreboli, uBradley Carnell, uStuart Baxter noMuhsin Ertugral. 

Nokho kuvela ukuthi okwamanje kubambe uVusumuzi Vilakazi ekucijeni abadlali boSuthu.