
IChiefs ivula isikhala ngokudedela ‘oshumpuzayo’
IKaizer Chiefs neChippa United sekuseduze baphothule isivumelwano sokubolekisana ngomgadli uChristian Saile.
IChiefs izimisele ngokukhulula uSaile ukuze ivule indawo yomdlali wangaphandle njengoba kubhekwe isayine umgadli.
Lesi sinyathelo sizovumela ikilabhu ukuthi ikwazi ukusayina umdlali wangaphandle kwakuleli ngokushesha.
USaile ujoyine iChiefs eminyakeni emibili edlule esuka kwiNchanga Rangers yaseZambia, ehlose ukuqhubeka nefomu yakhe encomekayo.
Nokho, emidlalweni engu-49, lo mgadli waseDR Congo usashaye amagoli ayisithupha kuphela futhi ubevame ukudlaliswa ophondweni.
ISABC Sport ibika ukuthi iChippa ihlose ukuqinisa phambili njengoba kuvulwe iwindi lokusayina abadlali.
Isivele isayine uKermit Erasmus futhi isaqhubeka nokuzama ukuthola uSaile.
USaile usalithola amacozucozu ijezi ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi, njengoba esadlale imidlalo eyisithupha kuphela kule sizini.
Lo mdlali kubikwa ukuthi usekulungele ukuthuthela eGqeberha ukuze aqale kabusha ngaphansi kwabaqeqeshi uThabo September noMabhudi Khenyeza.
IChiefs kuvela ukuthi isazimisele nangomdlali waseswini u-Oswin Appollis.
Kuthiwa isiphinde yafaka esinye isicelo kwiPolokwane City, icela uudayisela lo mdlali weBafana Bafana.
Uma egcina ngokuhamba uSaile, iChiefs kuzomele isheshe ithole omunye umgadli ikakhulukazi uma isicelo sayo ngo-Appollis singaphumeleli.
