
USales ‘ukulungele’ ukuthatha obuthwelwe uRibeiro kwiDowns
Njengoba kungacaci ngoLucas Ribeiro kwiMamelodi Sundowns – ukuthi uyahlala noma uyahamba – amehlo abalandeli asejikele ku-Arthur Sales.
Sekubhekwe lo mdlali odabuka eBrazil ukuthi kube nguye othwala iqembu uma lihlasela, futhi ubukeka eza kahle kulowo msebenzi.
Emidlalweni emine esadlalwe yiSundowns kule sizini, uSales usakhombise ukuthi engawuthatha lo msebenzi obewenziwa uzakwabo waseBrazil, uRibeiro ngesizini edlule.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo wangoLwesithathu neMagesi FC, uSales uthe ukulungele ukuthatha umsebenzi wokushaya amagoli.
Nokho ukhale ngesikhathi esincane ababenaso sokulungiselela isizini entsha kwazise bebedlala kwiFifa Club World Cup ngesikhathi amanye amaqembu ephumule.
“Ngijabule ngendlela esiyiqale ngayo iligi,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala, odabuka eSao Gabriel Da Palha, eBrazil.
“Kuyaye kube nzima uma nibe nesikhathi esincane sokulungiselela isizini. Kwesinye isikhathi izinto azenzeki ngendlela enhle.
“Kodwa ngaphezu kwalokho sikwazile ukuyiqala kahle le sizini. Ngicabanga ukuthi siqale kahle, yize ngikwamukela ukuthi kusamele sibe ngcono.”
Uthe emdlalweni wokuqala, bebhekene neChippa United kwakumele benze kangcono ikakhulukazi ngoba balithola kuqala igoli kulo mdlalo.
“Ngicabanga ukuthi sasinokuxhamazela kancane emdlalweni wokuqala, kwathi kowesibili sibhekene naMaZulu saba ngcono, sawunqoba kahle umdlalo.”
NgoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku, iSundowns izogadulisana neMagesi eSeshego Stadium ePolokwane.
USales uthi akayena umuntu othanda ukukhuluma ngomdlalo ongakadlalwa, kodwa ufuna ukushaya amagoli, asize iqembu linqobe.
“Ngicabanga ukuthi njengoba sibheke emdlwleni weMagesi… kunzima ukukhuluma ngaphambi komdlalo.
“Kodwa ngicabanga ukuthi sizokwenza konke okusemnadleni ethu. Ngizozama ukushaya amagoli ukuze sinqobe lo mdlalo.”
FUNDA NALA | Ufunwa ngapha nangapha uKutumela
Ngokwezinga labadlali namaqembu, iSundowns kulindeleke izidlele amahlanga kulo mdlalo. Abophele kanje lamaqembu kulo mdlalo:
- Magesi: Chipezeze ©️ – Abrahams, J. Mokone, Makgoga, Buthelezi – Mtshali, Masegela, Vandala, Makhubu, Mosadi – Sibanyoni.
- Ebhentshini: Tshabalala, Matima, Darpoh, Kakora, L. Mokone, van der Ross, Napier, Mariba, Zungu.
- Sundowns: Williams ©️ – Basadien, Lunga, Lebusa, Kekana – Aubaas, Mkhulise, Adams, Mabena, Letlhaku – Shalulile.
- Ebhentshini: Onyango, Cupido, Morena, Modiba, Mokoena, Allende, Maseko, Matthews, Mothiba.
