Ezintsha

UManqoba Mngqithi uphawula ngabaxoshwe yi-Arrows

Umqeqeshi weGolden Arrows, uManqoba Mngqithi, usephawulile ngokuxoshwa kungazelelwe muntu kwabadlali abanamava, uKnox Mutizwa noThabani Zuke. 

Laba badlali ababili kubikwa ukuthi bakhululwe yiqembu ekuqaleni kwale nyanga. 

Ukuxoshwa kwabo kuthuse abalandeli abaningi. Laba ababili badedelwe ngokushesha. 

Kukholakala ukuthi uZuke usayine inkontileka yesibambiso nezimbangi ze-Arrows ezinkulu eThekwini, AmaZulu FC. 

Lokhu akwehlanga kahle kubaphathi be-Arrows, ngokusho kwemithombo esondelene neqembu.

Khonamanjalo, umgadli uKnox Mutizwa yena kuthiwa udedelwe ngenxa yokungadlali kahle. 

Imithombo iphinde yaveza ukuthi kunezinye izizathu. UMutizwa ubesenesikhathi eside edlala kwi-Arrows futhi engumdlali obalulekile eqenjini.

ILisenethini ithole ukuthi uMutizwa ubenemigilingwane eminingi kanti abaphathi bebengaseneme ngokuziphatha kwakhe.

Kuthiwa izinkinga zakhe zasekhaya bese ziqala ukuphazamisa imisebenzi yakhe eqenjini. UManqoba Mngqithi ubuzwe ngalesi simo salaba badlali ngemuva kokuthi i-Arrows ihlulwe ngo 3-0 yi-Orlando Pirates ngoLwesibili. 

Ihlulwe emdlalweni weBetway Premiership obuse-Orlando Stadium ebigcwele phama njengoba iPirates beyivalelisa umqeqeshi wayo uJose Riveiro. 

UManqoba Mngqithi uphendule kafushane kwabezindaba, wakhetha ukungadaluli okuningi ngamahlazo eqembu lakhe phambi kwabantu. 

“Lezi zinqumo zenziwa njengeqembu,” kusho. “Ukungcola kwasekhaya asikunekeli umphakathi esidlangalaleni.” 

Akazange aqinisekise noma aphike ukuthi kuyiqiniso yini ukuthi laba badlali bakhonjwe indlela ngampela.

Ukuphawula kukaManqoba Mngqithi kuveza ukuthi isinqumo bekungesangaphakathi eqenjini. 

Iqembu libonakala lifuna ukuphatha lolu daba ngasese. Bobabili uMutizwa noZuke abakakhulumi ngokugxalwa kwabo.

Ukuhamba kwabo kwenzeke ngesikhathi i-Arrows isanda kusayina abadlali abambalwa abebekwiRoyal AM. 

Imithombo iveze ukuthi usihlalo wekilabhu, uMato Madlala usenqume ukuqinisa isandla eqenjini ukunqanda ukungaziphathi kahle obese kuthanda ukwanda eqenjini.