
UYusuf Maart ubabaza ukwesekwa kwabeChiefs usihlalo wayo
Ukaputeni weKaizer Chiefs uYusuf Maart uncome ukwesekwa abadlali baleli qembu abakuthola kumsunguli nosihlalo walo uKaizer Motaung.
Amakhosi aqede indlala yezindebe yeminyaka eyishumi ngesikhathi ehlula i-Orlando Pirates ngo 2-1 ukuze aqukule iNedbank Cup.
Lokhu kwenzeke enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ebigcwele phama eThekwini ngoMgqibelo.
Futhi kube nguYusuf Maart oshaye igoli elinqobise iKaizer Chiefs, ededela ishodi elihle sekusele imizuzu eyishumi umdlalo uphele.
“Ngiyabonga ngokuba wubaba kuwo wonke umdlali selokhu wasungula le kilabhu,” kusho uMaart.
“Wonke umuntu uyamthanda futhi uyamazisa usihlalo. Lapho ekhuluma nathi, sizwa sengathi kungenzeka noma yini.
“Ngenxa yakhe siyakuqonda ukuthi ikilabhu imele ini, nesibopho esinaso kwizigidi zabalandeli abasiseka kukuhle noma kukubi.
“Ngakho ngifuna ukumbonga. Sonke sijabule kakhulu ngokumenza ajabule ngale ndebe.”
Iqembu leChiefs lethule indebe kusihlalo walo ngoLwesithathu ntambama.
Nokho injabulo yale ndebe kuzomele basheshe bayikhohlwe. IKaizer Chiefs inomsebenzi oyihlalele kwiBetway Premiership.
Izobe isekuhambeni iyobhekana neSekhukhune United emdlalweni weligi ngoMgqibelo.
Izobe inethemba lokunyukela kwiTop 8 ngokunqoba le midlalo yayo emibili yokugcina yeligi kule sizini.
Njengamanje iChiefs isendaweni yesishiyagalolunye la inamaphuzu angu-30 ngemuva komkhankaso ongemuhle kwiligi.
Kodwa kusengenzeka ukuthi ingene kwiMTN8 yesizini ezayo.
IChiefs ilandela iChippa United esendaweni yesishiyagalombili ngenxa yamagoli, kanti isele ngamaphuzu amathathu kwiPolokwane City esendaweni yesikhombisa.
“Sibe nesizini engeyinhle kwiligi, futhi leyo yinto okuzodingeka sithuthuke kuyo,” kwengeza uYusuf Maart.
“Kodwa sonke silwe njengeqembu futhi sabeka umsebenzi phambili ekubuyiseleni iNedbank Cup eNaturena.
“Imidlalo yendbe ihlukile emidlalweni yeligi ngezindlela eziningi, kodwa sifuna ukwakhela kulo mgqiqgo ukuya phambili.”
UYusuf Maart ubhekane nokugxekwa okuningi kusukela efike kwiKaizer Chiefs ngo-2022.
Abalandeli bebelokhu bemhleli entanyeni, nakule sizini, kodwa igoli lakhe elibanqobise iNedbank Cup lingase lishintshe izinhliziyo nezingqondo zabaningi.
“Ngabona ngifika ukuthi kusho ukuthini uma ngijoyina iqembu futhi akulula ngenxa yengcindezi yokwazi okulindeleke kwiKaizer Chiefs,” kusho uYusuf Maart.
“Kodwa ngisebenze kanzima kusukela ngosuku lokuqala. Amasizini ami amabili okuqala abengelula.
“Kodwa manje ngesizini yami yesithathu, siklonyeliswe ngento enhle, okuyinto engiyibonga kakhulu.”
