
OweBay uxhilwa abangabaza amandla akhe
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weRichards Bay FC, uBrandon Truter, useziphendulele kwabamgxekayo, abangabaza ukuqokwa kwakhe ihlandla lesibili kuleli qembu laKwaZulu-Natal.
UTruter uthathe lo msebenzi oyinselelo neNatal Rich Boys kulandela ukushenxa kukaVusumuzi Vilakazi okhale ngemibandela abebekelwa yona.
Phakathi kwaleyo mibandela wukuthi iqembu libekelwe ukuba liqede lisemaqenjini ayisishiyagalombili ephezulu kwilogi yeBetway Premiership.
Usihlalo wekilabhu, uJomo Biyela ulindele lukhulu, kanti uTruter uyazethemba ukuthi uzokufeza abekelwe khona.
Engxoxweni ekhethekile noKhozi FM kuleli sonto, uTruter uveze ukuzethemba ukuthi uzobavala imilomo abangabaza amandla akhe.
“Angikaze ngiqede ngaphandle kwamaqembu ayisishiyagalombili aphezulu, angikaze. Hamba uyobheka,” kusho yena ngokuzethemba.
“Bengilokhu ngifika emidlalweni eyandulela owamanqamu kowamanqamu uqobo kuyona yonke imiqhudelwano yezindebe.
“Ngakho-ke, angiqondi ukuthi ukungabaza kuvelaphi, kodwa uma ungangikholwa, hamba uyobheka.”
INatal Rich Boys igweme ukudliwa yizembe ngesizini edlule isizwa abadlali bayo abasebancane.
UTruter uncome laba badlali abasencane, wagcizelela icebo lakhe lokubahlanganisa kahle nasebekhulile eqenjini.
“Ngimangele ngabadlali abasebancane enginabo eqenjini,” kusho uTruter.
“Kumele sibafake esimeni esikahle futhi sibadlalise njalo nabadlali abadala.
“Ithalente engilibone kubafana abancane kwiRichards Bay liphezulu, izinga liphezulu.”
UTruter uzwakalise ukwaneliseka ngeqembu elihlanganiselwe isizini entsha yeBetway Premiership.
Uhlela ukusebenzisa iPrince Mangosuthu Legacy Cup ukuhlola iqembu lakhe kabanzi.
Lo mqhudelwano uzodlalwa ngempelasonto ezayo, kaSepthemba 7, Olundi Stadium.
OLUNYE UDABA: Isihlabani seBafana uLyle Foster ubuyela kwiPremier League
Lo mqeqeshi uyazethemba ukuthi angayisa iRichards Bay empumelelweni ebhekwe kuyo, futhi uzimisele ngokugeza abamngabazayo igilo.
