
Kusuke umthwalo kuLarsen evuka nge-Arrows
- Alfred NGUBANE
UClinton Larson uthi kwehle umthwalo emahlombe akhe ngokuqoqa amaphuzu amathathu kwiGolden Arrows.
Lo mqeqeshi weMagesi FC unqobe okokuqala kusukela benyuselwe kwiBetway Premiership ngoLwesine.
Umdlalo we-Arrows neMagesi ube nezidubedube njengoba wamiswa ngoLwesithathu ebusuku kulandela ukuhamba kukagesi eMpumalanga Stadium.
Uze waqhubeka ngakusasa ngoLwesine, sekuqedelwa imizuzu engaphansi kwemine nesikhathi esengwe unompempe ebesisele.
“Abadlali bethu abaningi ngiyaqonda ukuthi abakasijwayeli lesi sigaba seBetway Premiership.
“Kodwa ke kancane kancane bazojwayela,” kusho uLarson engxoxweni neLisenethini.
IMagesi inqoba lo mdlalo nje beyikade isihlulwe emidlalweni emibili yokuvula kwiPremiership.
Yabhabhadiswa ngomkhaya bayo iPolokwane City neSikhukhune United emidlalweni emibili yokuqala.
Manje uLarsen sekumele akhele kwezu kwalokhu kunqoba kwi-Arrows njengoba ezobhekana neRoyal AM ePeter Mokaba Stadium.
Lo mdlalo uzoba ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama.
