EzintshaKaizer Chiefs

UYeye akawuvali ngekhono likaVilakazi weChiefs

  • Sibongiseni GUMBI

Yize ekholelwa kuye, unqabile ukuqagela ukuthi ngabe lo mdlali oneminyaka engu-18 angagqama yini kule sizini kuMakhosi kaNasreddine Nabi.

ULetsholonyane usethimbeni labaqeqeshi eqenjini laseNingizimu Afrika labaneminyaka engaphansi kuka-20,.

Futhi uzibonele ngawakhe ngesikhathi uVilakazi eshaya igoli emdlalweni ngamunye Amajita ayidlale neLesotho ngasekuqaleni kwale nyanga.

“UMfundo ungumfana onekhono, ngiyakutshela, kusho uLetsholonyane kwiPhakaaathi. 

“Ngicabanga ukuthi ngike ngabhala kuTwitter eminyakeni emithathu noma emine edlule ngithi ungumdlali onekhono.

“Futhi akukashintshi. Ungumdlali oyedwa ngokwekhono ongaphezulu kweningi lontanga yakhe. 

“Uphiwe (ikhono). Ukuthi kuzohambelaa kanjani kwiChiefs, angazi. Ngingakhuluma ngaye neqembu lesizwe kuphela. 

“Ushaye igoli emdlalweni wokuqala (neLesotho) wadlala imizuzu engu-65 kuya ku-70. 

“Emdlalweni wesibili uthole imizuzu eyishumi kuphela ngoba besimonga. 

“Kodwa kuleyo mizuzu eyishumi ulikhahlelele kabili ipali, washaya igoli elilodwa. 

“Lokho kuyakutshela ukuthi ungumdlali onjani. Uma esezindaweni ezifanele enkundleni ungumdlali oyingozi.”

Uma ecindezelwa ukuthi yini engase idingeke ukuze uVilakazi aphumelele kwiChiefs, uLetsholonyane akafunanga ukuphumela obala.

UVilakazi udlale imidlalo eyisikhombisa kuphela eqenjini elikhulu leChiefs kuPSL futhi akakashayi igoli okwamanje. 

“Ungumdlali omuhle, ohlakaniphile. Uzimisele ngokufunda nokusebenza kanzima.

“Kimina kwiChiefs, ngaphambi kokunye kumele uqine ngokomqondo. 

“IChiefs iyiqembu elikhulu elingenzanga kahle eminyakeni embalwa edlule, ngakho ingcindezi iba nkulu.

“Noma yimuphi umdlali oya kwiChiefs kumele akulungele ngokomqondo ukumela izigidi zabalandeli bayo.”