EzintshaOrlando Pirates

URiveiro ujabulele ukuthi isiyaziwa ‘imfihlo’ yakhe

UJose Riveiro uthi njengoba sekwaziwa ukuthi uyahamba ekupheleni kwesizini, sekumele kugxilwe emsebenzini osele kuze kube yileso sikhathi.

Izingxoxo ngebhola kuleli bezigxile ekumemezeleni kwe-Orlando Pirates ukuthi lo mqeqeshi wayo uyashiya uma kusongwa le sizini. 

Nokho yena uthi akuyona into okumele inakwe kangako, ngoba ubefuna ukunika ikilabhu isikhathi esanele ukuzihlelela ikusasa engasekho.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wezakhe nePolokwane City, uJose Riveiro uthe sekuyisikhathi manje sokubhekana nomsebenzi.

“Njengoba sonke sesikwazi okuzokwenzeka ekupheleni kwesizini, sekumele sibheke umsebenzi.

“Njengamanje sinomdlalo onzima lapha nePolokwane City,” kusho uRoveiro.

Khonamanjalo, kubuye umdlali oyintandokazi yabalandeli kwiPirates uPatrick Maswanganyi obekade elimele.

UMaswanganyi, odume ngelikaTito, ubengekho emidlalweni emibili edlule yePirates.

Ubengekho ishaya iMamelodi Sundowns ngo 2-1 koweBetway Premiership, neMC Alger koweCaf Champions League ngoLwesibili. 

  • Ibophele kanje iPolokwane City kulo mdlalo” Bwire, Makhubela, Ndlovu, Nkaki, Baloyi, Kambala, Ramabu, Maphangule, Dlamini, Letshedi, Appollis
  • Ebhentshini: Mathebula, Manthonsi, Nikani, Batlhabane, Gwangqa, Goovadia, Raphadu, Ntamane, Ramushu
  • I-Orlando Pirates yona ibophele kanje: Chaine, Mako, Van Rooyen, Mbokazi, Sibisi, Makhaula, Mbatha, Maswanganyi, Nkota, Mofokeng, Makgopa
  • Ebhentshini: Buthelezi, Madiba, Xoki, Shandu, Kimvuidi, Mosela, Mabasa, Dlamini, Hotto