EzintshaKaizer Chiefs

UShabalala uveza ‘isithako’ esifike noNabi kuye

Isihlabani seKaizer Chiefs esisafufusa uMduduzi Shabalala, sesizwakalise ukubonga kumqeqeshi uNasreddine Nabi ngokumethemba.

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala udlale ngendlela encomekayo waze waqokwa njengeMan-of-the-Match iChiefs inqoba ngo 1-0 ihlula iChippa United. 

Igoli lakhe elihle alishaye ngobuchule, kusize Amakhosi anqobe umdlalo wawo wokugcina onyakeni eMoses Mabhida Stadium ngeSonto.

UShabalala uncome uNabi ngokumvumela ukuthi aveze amakhono akhe yize esemncane. 

Leli goli libe ngelesine likaShabalala kwiligi kule sizini, kanti wakhe nelilodwa elashaywa uzakwabo. 

Igalelo likaShabalala libalulekile, futhi usengumdlali okufanele abhekwe njengoba kuzothwasa unyaka omusha nje.

“Iqembu lisinike indima okufanele siyidlale, wonke umuntu unendima yakhe okufanele ayidlale,” kusho uShabalala etshela abezindaba ngemuva komdlalo.

“Umqeqeshi uhlale engitshela ukuthi ngisemncane ebholeni, kodwa ngethalente enginalo ngingahamba ngifike kude kakhulu.

“Ngakho-ke, ngidinga ukunikezela ngakho konke enginakho futhi ngibonge kuye ngokunginika ithuba nangokuhlala ekholelwa kimi.”

UShabalala uzothemba ukuthi uzoqhubeka nomgqigqo wakhe omuhle nasonyakeni omusha uma Amakhosi esevakashele iCape Town City ngoJanuwari 5.