
UNabi uhlonza izinselelo ezintathu ezibhekene neChiefs
- Intatheli yeLISENETHINI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, usehlonze izinto ezintathu ezithiya inqubekela phambili eqenjini lakhe selokhu athatha izintambo.
Lo somaqhinga waseTunisia uqokwe ukuthi ahole Amakhosi ngaphambi kokuqala kwesizini.
Unikezwe umsebenzi wokwakha kabusha iqembu nokubuyisela ikilabhu izinsuku zenjabulo osekuneshumi leminyaka ingekho.
Yize iqale ngendlela ethembisayo kodwa imiphumela yaMakhosi yakamuva iyadumaza.
UNabi uveze ukuthi ubunzima ababhekene nabo bubangelwa yizinto ezintathu ezilandelayo:
- Okokuqala – Ukwakha kabusha ngabadlali abasebancane
IChiefs ithembele kakhulu kubadlali abasebancane, kanti uNabi uyavuma ukuthi ukungawubambi umgqogqo kuyingxenye yokuthuthuka kwabo.
“Nginomuzwa wokuthi ekuqaleni kweligi, ikhwalithi beyingcono kunalokhu esikubone emidlalweni emibili noma emithathu yokugcina,” kusho uNabi.
“Kodwa lokhu kunencazelo. Kunezici ezintathu. Esokuqala wukuthi uma udlala ngabadlali abaningi abasencane, ukungawubambi umgqogqo yinto evamile.”
- Okwesibili – Ukulimala
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-59 ubudala ukholelwa ukuthi ukulinyalelwa abadlali abathile nakho kube yingxenye yezinselelo zabo muva nje.
Njengamanje, abadlali abamqoka abalimele bahlanganisa uGaston Sirino, u-Edson Castillo, uTeboho Potsane, uDillan Solomons noBradley Cross.
“Khona-ke into yesibili ukuthi besinokulinyalelwa okuningi okube nomthelela ekusebenzeni kwethu enkundleni.
“Futhi kube nomthelela emiphumeleni, okulethe ingcindezi enkulu eqenjini, nakumqeqeshi ovela ngaphandle,” kwengeza yena.
- Okwesithathu – Ingcindezi evela kwabezindaba nokugxekwa
UNabi ukholwa ukuthi lezi zinto ezishiwo ngenhla, ezihambisana nokungahambisani kwemidlalo, zidale ingcindezi enkulu evela kwabezindaba nabalandeli.
Uthi lokhu kuholele ekutheni abadlali besabe ukwenza amaphutha.
“Bese kuthi yonke leyo ngcindezi ibe nomthelela kubadlali bethu, okuthi kwesinye isikhathi, lokho kudale ukuthi badlale besaba ukuhlulwa.
“Futhi sikholelwa ukuthi ngemuva kwalo mdlalo, amaphuzu amathathu esingakhela phezu kwawo,” kusho yena.
Ubekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe neChippa United eziwunqobe ngo 1-0 eMoses Mabhida Stadium ngempelasonto.
Nokho lo mqeqeshi oke wacija iYoung Africans eTanzania, unethemba lokuthi bazozinqoba zonke izinselelo zabo.
“Kodwa sizonqoba konke lokho ngoba sikholelwa ngempela kulo msebenzi wethu,” kuphetha yena.
IChiefs ibuyela enkundleni ngoJanuwari 5, la izobhekana khona neCape Town City ekuhambeni eKapa.
Lolu daba luthathwe kade lushicilelwe yiFARPost
