
Sebengu-11 abachithwe aweBetway Premiership
- Sibongiseni GUMBI
ICape Town City isibe yikililabhu yakamuva ukuhlukana nomqeqeshi wayo, kanti ibe ngeyesibili ngosuku olwandulela ukuqala konyaka omusha.
ICity imemezele ukuhamba kuka-Eric Tinkler ngoDisemba 31, ngemuva kwamahora ambalwa iChippa United nayo yenze okufanayo kuKwanele Kopo.
Lokhu kuthatha isibalo sabaqeqeshi abaxoshwe emsebenzini wabo kwiBetway Premiership sifinyelele ku-11 ezinyangeni eziyisithupha zokuqala.
ICity ithe ukunqanyulwa kwenkontileka kaTinkler kuyisivumelwano phakathi kweqembu nomqeqeshi.
“ICape Town City kanye nomqeqeshi oyinhloko u-Eric Tinkler bavumelene ngokuhlukana,” sifundeka kanje isitatimende sekilabhu.
“Iklabhu izwakalisa ukubonga ku-Eric kumasizini amathathu edlule lapho eqede khona endaweni yesibili. Yesine neyesihlanu kulandelana.
“Sifisela u-Eric okuhle kakhulu ngekusasa.” ICityzens okwamanje izohlonza indlela entsha.
“Iklabhu izomemezela umqeqeshi omusha wesikhashana njengoba sakha iphrojekthi entsha ethokozisayo yesizini ka-25/26 nangale kwalokho.”
Iqembu lizomemezela umqeqeshi omusha wesikhashana njengoba sakha iphrojekthi entsha ethokozisayo yesizini ka-25/26 nangale kwalokho
