
URiveiro akeneme ngephuzu elilodwa, nokulahla amathuba
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, uthi uphoxekile ngomphumela kodwa ikusasa kwiCaf Champions League lisesezandleni zabo.
IPirates ayikahlulwa futhi manje iqhwakele kuGroup C ngamaphuzu amahlanu emidlalweni yayo emithathu yokuqala.
Inqobe ekuhambeni ihlula iCR Belouizdad, yadlala ngokulingana ne-Al Ahly ekhaya njengoba iphinde yabambana neStade d’Abidjan ngoMgqibelo ebusuku.
U-Evidence Makgopa ubeke iPirates phambili ngesikhathi kuyiwa ekhefini kodwa u-Ousmane Meite waqinisekisa ukuthi liyasala iphuzu elilodwa.
“Hhayi-ke kuyiphuzu elisinika ithuba lokuhola iqoqo okwamanje,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo.
“Imidlalo emithathu esazodlala kuleli qoqo, wonke amaqembu akhona asenethuba.
“Thina besize lapha ngenhloso yokuthola amaphuzu aphelele.
“Kodwa bekunembangi eyenze izinto eziningi kahle kakhulu.
“Uma ngicabanga ngamathuba esingawasebenzisanga emizuzwini yokuqala engu-25, mhlawumbe kungenza ngidumale kancane ngomphumela.
“Kodwa sekukonke, ngemizamo yembangi, nezimo ezinzima kakhulu zokudlala ibhola…
“Angijabule ngokugcwele ngephuzu kodwa kukude nekhaya futhi yonke into isesezandleni zethu ngokugcwele.”
Bekuyiphuzu lokuqala eqenjini lasekhaya eqoqweni ngemuva kokuhlulwa kuyo yomibili imidlalo yokuqala.
Omunye umdlalo waleli qoqo, obekumele ube phakathi kwe-Al Ahly neBelouizdad uhlehlisiwe.
Lokhu kungenxa i-Al Ahly idlala kwiFifa Intercontinental Cup namuhla.
