
UMakaab uhlalula inkinga yeBucs, nesixazululo sayo
UMike Makaab usevikele umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro kulabo asebeqala uukumngabaza.
Uphinde wachaza ukuthi yini iPirates okumele iyenze ukuze ikwazi ukuphonsela iMamelodi Sundowns inselelo ngesicoco seligi.
Abanye abalandeli bePirates basale nemizwa eshayisanayo ngemuva komdlalo wangempelasonto edlule.
IPirates ihlulwe kabuhlungu yiSundowns ngo 4-1, nokwenze lezi iziqhwaga zaseTshwane zalula igebe lana ngemaphuzu ayisishiyagalolunye esicongweni selogi yeBetway Premiership.
Ekhuluma noSimtho Dladla kwi-Extra Time yeGagasi FM, uMakaab uthe ukungabaza uRiveiro akunabo ubulungiswa.
Ukholwa ukuthi iPirates ayikabi namandla afanele, futhi idinga amanye amawindi okudayiselana ngabadlali ukuze iqinise isikwati sayo.
“Uma iPirates iwina umdlalo wayo ewugodlile, igebe lizoba ngelamaphuzu ayisithupha.
“IPirates kusafanele idlale neSundowns e-Orlando Stadium,” kusho uMakaab.
“Lowo mdlalo uzobaluleka kuwo womabili amaqembu. Uma iSundowns iphinda iwina kuzoba nzima kwiPirates ukuvala igebe.
“Amaphuzu ayisishiyagalolunye anzima, kodwa ayisithupha angaficeka.”
UMakaab uveze ukungabaza ukuthi ngabe iPirates ineqembu elijule ngokwanele ukuze iqhudelane kuyo yonke imiqhudelwano ekuyo.
Ukholwa ukuthi badinga isikhathi sokwakha. Uphinde wanxusa abalandeli ukuthi bahloniphe uRiveiro.
“Le ndoda ithathe iqembu elidonsa kanzima yanqoba izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu.
“Badlala kwiligi futhi basekhona nakwiCaf Champions League. Wenze umsebenzi oncomekayo.”
Kukhona neNedbank Cup la iPirates izobhekana khona neBaroka FC ngoMgqibelo ntambama e-Orlando Stadium. Iyona ompetha abavikela le ndebe.
