
IChiefs isingase imthole owaseTanzania ekade imhalela
Zibukeka ziyilungela izinto iKaizer Chiefs emkhankasweni wayo wokuthola umdlali wasesiswini we-Azam FC uFeisal Salum.
Imibiko evela eTanzania iyaqinisekisa ukuthi uSalum ngeke ayivuselele inkontileka yakhe ne-Azam.
Ukuthiwa uthe usefuna inselelo entsha. IChiefs ibilokhu isiqaphile isimo sakhe kumawindi amabili okudayiselana ngabadlali edlule.
I-Azam ekuqaleni beyifuna ukumgcina, kodwa njengoba eseveze isifiso sokuhamba, manje seyivulelekile ukumdayisa.
Umqeqeshi weChiefs, uNasreddine Nabi, uzimisele ngokumletha kuNaturena. Laba bobabili basebenze ndawonye kwiYoung Africans (Yanga) phambilini.
Imibiko evela eTanzania iveza ukuthi iChiefs neSimba SC sebeke babuza ngokutholakala kukaSalum.
“Yebo, kuyiqiniso ukuthi iChiefs noSimba sebeke babuza ngoSalum, kodwa akekho kubo oseke wafaka isicelo esisemtehthweni,” kusho umthombo.
“I-Azam beefuna ukumgcina, kodwa manje akukho okunye engakwenza ngaphandle kokumthengisa.”
I-Azam ibeke intengo ka-R40-million ngalo mdlali wasesiswini ohlaselayo.
Kodwa-ke, njengoba uSalum esezimisele ngokuhamba, i-Azam ingase iyehlise le mali.
Lokhu kungase kwenyuse amathuba okuthi iChiefs igcine imthola lo mdlali wasesiswini onekhono elihle.
