Caf Champions LeagueEzintsha

Iwadedele isiwaphethe amaphuzu iPirates e-Abijan

I-Orlando Pirates ibambene ngo 1-1 neStade D’Abidjan emdlalweni wayo wesigaba samaqoqo weCaf Champions League ngoMgqibelo ebusuku.

Lo mdlalo ubudlalelwa eStade Felix Houphouet-Boigny, okuyinkundla la iPirates yanqoba khona indebe yayo yokuqala yeChampions League ngo-1995.

IPirates isiqale kahe isiwombe sokuqala, yakha amathuba amaningi kodwa yahluleka ukuwasebenzisa. 

Ukuphikelela kwayo kugcine kuma nomphumela omuhle ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini ngesikhathi uRelebohile Mofokeng ewiswa ebhokisini leD’Abijan.

U-Evidence Makgopa nguye ophakamile, wayibeka enethini, okwenze iPirates yahamba phambili ngo 1-0 kuyiwa ekhefini.

Nokho, isiwombe sesibili sibone ukushintsha kwezinto njengoba osokhaya bese bekhombisa ukulwa, bengafuni ukwenziwa iminqolo. 

I-Stade D’Abidjan ithole igoli layo lokulinganisa ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, u-Ousmane Meite nguye oshaye igoli.

Abadlali bayo bathole ukuzethemba, baqala bafaka nengcindezi, kodwa iPirates yakwazi ukuvala kahle emuva. 

Ngemuva kwezinguquko ezimbalwa, iPirates iphinde yaphokophela phambili ngasekupheleni komdlalo.

Naphezu kokwakha amathuba ambalwa ngasekupheleni komdlalo, ihlulekile ukuthola igoli.

Lo mphumela ugcina iPirates iqhwakele kuGroup C ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emithathu. 

I-Al Ahly isendaweni yesibili ngamaphuzu amane emidlalweni emibili.

I-Al Ahly izobhekana neCR Belouizdad ngeSonto komunye umdlalo kaGroup C.